KwabaseGalathiya 3:2-4
KwabaseGalathiya 3:2-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yilokhu kuphela engithanda ukukwazi kinina ukuthi: Namukeliswa uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? Niwulekile kangaka na? Niqalile kuMoya seniyakugcina enyameni na? Nahlupheka kangaka ngeze na? uma kambe kungeze.
KwabaseGalathiya 3:2-4 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Yilokhu kuphela engifuna ukukufunda kini: Namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngezwi lokukholwa na? Ingabe niyiziwula kangaka na? seniqale ngoMoya manje senipheleliswe enyameni na? Ingabe nahlupheka kangaka ngeze na? uba kuseyize.
KwabaseGalathiya 3:2-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngifuna ukwazi lokhu kuphela kini, ukuthi namamukela uMoya ngemisebenzi yomthetho noma ngokuzwa izwi lokukholwa na? Nilutheke kangako yini ukuba nithi niqale kuMoya, kodwa senigcina ngemisebenzi yenyama na? Nahlushwa ngazo zonke lezi zinto ngeze na? Phela lokho impela kungabe kwakuyize.
KwabaseGalathiya 3:2-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)