KwabaseGalathiya 3:15-18
KwabaseGalathiya 3:15-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu: nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo. Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu. Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso; ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso.
KwabaseGalathiya 3:15-18 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Bazalwane, ngikhuluma ngokwabantu; Noma kuyisivumelwano somuntu, nokho siqinisekiswa, akakho ongasichithayo nonganezela kuso. Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu. Ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa ngaphambili nguNkulunkulu kuKristu, umthetho owaba khona emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awunakuchithwa, ukuze usenze ize isithembiso. Ngokuba uma ifa lingokomthetho, alikho ngesithembiso, kepha uNkulunkulu walinika u-Abrahama ngesithembiso.
KwabaseGalathiya 3:15-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu, ukuthi akukho muntu ongesula noma anezele esivumelwaneni esenziwe saqiniswa ngumuntu. Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abhrahama nolibo lwakhe; akasho ukuthi: “Olibeni,” eqonde abaningi, kodwa eqondise koyedwa, nasolibeni lwakho, olunguKhristu. Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso. Ngokuba uma ifa lizuzwa ngomthetho, akusayi ngesithembiso, kodwa uNkulunkulu umnikile u-Abhrahama lona ngesethembiso.
KwabaseGalathiya 3:15-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)