KwabaseGalathiya 3:10-26

KwabaseGalathiya 3:10-26 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangemi njalo kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho ukuba bakwenze.” Kepha ukuthi ngomthetho akukho muntu olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu kusobala, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa; ngokuba umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa owenza lokho uyakuphila ngakho. UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, ebenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalenga emthini,” ukuba isibusiso sika-Abrahama ngoKristu Jesu sifike kubo abezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa. Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu: nokuba kuyintando yokugcina yomuntu eyaqiniswayo, akakho oyichithayo noma enezele kuyo. Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abrahama nenzalo yakhe; akasho ukuthi: “Ezinzalweni,” kungathi ngeziningi, kepha kungathi ngeyodwa ukuthi: Nasenzalweni yakho enguKristu. Kepha ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa nguNkulunkulu ngaphambili, umthetho owavela emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awusesuli, uze usichithe isithembiso; ngokuba uma ifa likhona ngomthetho, alikho ngesithembiso; kepha uNkulunkulu umnikile lona u-Abrahama ngesithembiso. Pho, umthetho uyini na? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo enikiwe isithembiso, umisiwe ngezingelosi, ngesandla somlamuleli. Kepha umlamuleli kasiye owamunye; kepha uNkulunkulu munye. Pho-ke, umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Qha nakanye. Ngokuba uma wawunikiwe umthetho onamandla okuphilisa, ngempela ukulungisiswa ngakuya ngomthetho. Kepha umbhalo uvalele konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo. Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa. Njalo-ke umthetho sewaba ngumlayi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. Kepha-ke sekufikile ukukholwa, asisephansi komlayi. Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu.

KwabaseGalathiya 3:10-26 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngokuba bonke abemisebenzi yomthetho baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangahlali kukho konke okulotshiweyo encwadini yomthetho, ukuba bakwenze. Kodwa ukuthi ngomthetho kakho olungisiswayo phambi kukaNkulunkulu, kusobala, ngoba olungileyo uzaphila ngokukholwa. Nomthetho awusiwo ongowokukholwa, kodwa uthi: Umuntu owenzayo uyakuphila ngakho. UKristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho, esenziwe isiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Uqalekisiwe wonke olenga emthini; ukuze isibusiso sika-Abrahama sibe phezu kwabezizwe ngoKristu Jesu; ukuze samukele isithembiso sikaMoya ngokukholwa. Bazalwane, ngikhuluma ngokwabantu; Noma kuyisivumelwano somuntu, nokho siqinisekiswa, akakho ongasichithayo nonganezela kuso. Manje izithembiso zenziwa ku-Abrahama nasenzalweni yakhe. Akasho ukuthi: Nasezinzalweni, kungathi ngeziningi; kodwa kungathi ngeyodwa: Nasenzalweni yakho enguKristu. Ngisho lokhu ukuthi isivumelwano esaqiniswa ngaphambili nguNkulunkulu kuKristu, umthetho owaba khona emva kweminyaka engamakhulu amane namashumi amathathu, awunakuchithwa, ukuze usenze ize isithembiso. Ngokuba uma ifa lingokomthetho, alikho ngesithembiso, kepha uNkulunkulu walinika u-Abrahama ngesithembiso. Pho kungani ukhonza umthetho? Wenezelwa ngenxa yeziphambeko, kuze kufike inzalo okwakwenziwe kuyo isithembiso; wamiswa ngezingelosi ngesandla somlamuleli. Kepha umlamuleli kasiye owayedwa, kepha uNkulunkulu munye. Ngakho-ke umthetho uphambene nezithembiso zikaNkulunkulu na? Makube njalo, ngokuba uma wawunikiwe umthetho owawungaphilisa, isibili ukulunga ngabe kuvela ngomthetho. Kepha umbhalo uvalile konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa nguJesu Kristu siphiwe abakholwayo. Kepha kungakafiki ukukholwa, sasigcinwa phansi komthetho, sivalelwe kuze kufike ukukholwa obekuzakwambulwa kamuva. Ngakho-ke umthetho waba ngumfundisi wethu wokusiyisa kuKristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. Kodwa ngemva kokuba ukholo selufikile, asisekho ngaphansi komfundisi. Ngokuba nina nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuKristu Jesu.

KwabaseGalathiya 3:10-26 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)

KwabaseGalathiya 3:10-26 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Ngokuba bonke abayeme emisebenzini yomthetho, baphansi kwesiqalekiso, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abangabambeleli, bakwenze konke njalo okulotshwe encwadini yomthetho.” Kusobala manje ukuthi akekho umuntu olungisiswa ngomthetho phambi kukaNkulunkulu, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa. Kepha umthetho awusiwo owokukholwa, kodwa lowo owenza zonke lezi zinto uyakuphila ngazo. UKhristu wasihlenga esiqalekisweni somthetho ngokwenziwa abe yisiqalekiso ngenxa yethu, ngokuba kulotshiwe ukuthi: “Baqalekisiwe bonke abalengiswa emthini,” ukuba isibusiso sika-Abhrahama ngoJesu Khristu sifinyelele kwabezizwe, ukuze samukeliswe isithembiso sikaMoya ngokukholwa. Bazalwane, ngikhulumisa okwabantu, ukuthi akukho muntu ongesula noma anezele esivumelwaneni esenziwe saqiniswa ngumuntu. Manje-ke izithembiso zanikwa u-Abhrahama nolibo lwakhe; akasho ukuthi: “Olibeni,” eqonde abaningi, kodwa eqondise koyedwa, nasolibeni lwakho, olunguKhristu. Yilokhu engikushoyo ukuthi isivumelwano esaqiniswa phambilini nguNkulunkulu, akukho mthetho obekwe emva kweminyaka engama-430 ongasesula noma usiqede, sona kanye nesithembiso. Ngokuba uma ifa lizuzwa ngomthetho, akusayi ngesithembiso, kodwa uNkulunkulu umnikile u-Abhrahama lona ngesethembiso. Pho kwakuhlosweni ngomthetho na? Umthetho wanikezwa ngenxa yeziphambeko kuze kufike ulibo olwanikwa isithembiso, owamiswa ngezingelosi nangesandla somlamuleli. Umlamuleli ubalulekile uma kukhona izinhla ezimbili; kasiye owoyedwa, kepha uNkulunkulu munye. Ngabe pho umthetho umelene yini nezithembiso zikaNkulunkulu na? Phinde neze! Uma umthetho owanikezwa wawunamandla okunikeza ukuphila, ngabe salungisiswa ngawo umthetho. Kepha umbhalo ukuvalela konke phansi kwesono, ukuze isithembiso ngokukholwa kuJesu Khristu samukeliswe labo abakholwayo. Kodwa ngaphambi kokuba kufike ukukholwa, sasivalelwe phansi komthetho, sasiqashelwe yiwo kwaze kwembulwa ukukholwa. Ngakho umthetho wawungumqaphi wethu osiyisa kuKhristu, ukuze silungisiswe ngokukholwa. Lokhu ukukholwa sekwafika, asisekho phansi komthetho. Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.