U-Ezra 6:1-12

U-Ezra 6:1-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Inkosi uDariyu yashaya umthetho wokuthi akuphenywe emiqulwini esendlini yemilando egcinwe eBhabhele. Kwatholakala umqulu e-Ekhibhathana, inhlokomuzi yesifundazwe eMediya, okwakulotshwe kuwo: Isikhumbuzo. “Ngonyaka wokuqala wokubusa kwenkosi uKhoresi, yashaya umthetho othi: maqondana nendlu kaNkulunkulu eseJerusalema mayakhiwe kabusha, indawo lapho imihlatshelo yayinikelelwa khona neminikelo yokushiswa eyayilethwa khona, ubude bayo kumele bube ngamakhubhithi angama-60, nobubanzi bayo bube ngamakhubhithi angama-60. Izindonga zibe imigqa emithathu yamatshe, omunye phezu komunye, bese zilandelwa ngowodwa wezingodo ezintsha. Izindleko mazikhishwe esikhwameni sengcebo yendlu yenkosi. Izitsha zegolide nezesiliva zasendlini kaNkulunkulu ezazithathwe nguNebukhadinezari ethempelini eJerusalema wazisa eBhabhele, nazo kumele zibuyiselwe eJerusalema, yileso naleso endaweni yaso endlini kaNkulunkulu.” “Manje kuwe Thathenayi, mbusi wasentshonalanga yeYufrathe, nakuwe Shethari Bhozenayi, nabangani benu abasesifundazweni esisentshonalanga yeYufrathe, qhelani lapho; hlukanani nomsebenzi wendlu kaNkulunkulu; yekelani umbusi wabaJuda nezikhulu bayakhe kabusha indlu kaNkulunkulu esizeni sayo. “Ngishaya umthetho maqondana nalezo zikhulu zabaJuda ezizokwakha kabusha le ndlu kaNkulunkulu, ngithi: izindleko zokukhokhela laba bantu mazikhokhwe ngokuphelele nsuku zonke, ziphume emalini yasebukhosini, etholakala ngentela evela esifundazweni entshonalanga yeYufrathe, ukuze lowo msebenzi ungami. Noma yini abayidingayo: amaduna, izinqama, amawundlu abazokwenza ngakho iminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wasezulwini, nokolo, usawoti, iwayini, namafutha, njengokusho kwabaphristi abaseJerusalema, mabanikwe lokho nsuku zonke, kungaphuthi, ukuze banikele iminikelo emthokozisayo uNkulunkulu wasezulwini, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo. “Ngiyaniyala ngithi: uma kukhona oyoguqula lo mthetho engiwushayile, kuyokhishwa ibhanuko emshayweni wendlu yakhe, ajojwe ngalo, umuzi wakhe ube ngumquba. UNkulunkulu owenza ukuba igama lakhe lihlale lapho, sengathi angasusa esikhundleni noma yiyiphi inkosi nesizwe okuzama ukuguqula lokhu, noma ukubhubhisa le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu, ngishaye lo mthetho; mawuhlonishwe ngokucophelela.”

Dlulisela
Funda U-Ezra 6

U-Ezra 6:1-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Khona-ke inkosi uDariyu yakhipha umyalo, kwaphenywa endlini yezincwadi, lapho okwakugcinwa khona ingcebo eBhabhiloni. Kwatholakala e-Akimetha esigodlweni esisesifundeni samaMede umqulu, nombhalo wemilando owawulotshwe kanje: Ngomnyaka wokuqala wenkosi uKoresi, inkosi uKoresi yakhipha umyalo ngendlu kaNkulunkulu eJerusalema, yathi: “Makwakhiwe indlu, indawo lapho bekuhlatshelwa khona imihlatshelo, zimiswe izisekelo zayo, ziqine; ukuphakama kwawo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bawo buyizingalo ezingamashumi ayisithupha; nezinhla ezintathu zamatshe amakhulu nohla lwamapulangwe amasha; nezindleko mazikhishwe endlini yenkosi. Futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBhabhiloni, mazibuyiswe, zibuyiselwe ethempelini eliseJerusalema, kube yileso naleso endaweni yaso nendawo yaso endlini kaNkulunkulu. Ngakho-ke, Thathenayi, mbusi ongaphetsheya komfula, leSetharibhozenayi, labangane benu, amaAfarzagi aphetsheya komfula, makube khatshana lalapho. Yekani umsebenzi wale ndlu kaNkulunkulu; umbusi wamaJuda namalunga abaJuda mabakhe le ndlu kaNkulunkulu endaweni yayo. Ngaphezu kwalokho, ngiyaleza ukuba nenze kumalunga alaba baJuda ekwakheni le ndlu kaNkulunkulu: empahleni yenkosi, yebo, kusukela enteleni ngaphesheya koMfula, kumelwe kukhishwe ngokushesha izindleko kulawa madoda, ukuze bangavimbeli. Futhi abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu, okomnikelo wokushiswa kaNkulunkulu wezulu, ukolweni, nosawoti, newayini, namafutha, njengokumisa kwabapristi abaseJerusalema, kube usuku lwabo. Ngosuku olunikezwe ngaphandle kokulibala: ukuze banikele iminikelo enephunga elimnandi kuNkulunkulu wasezulwini, bathandazele ukuphila kwenkosi namadodana ayo. Futhi ngakhipha umyalo wokuthi noma ubani oguqula leli zwi kumelwe adilize izinkuni zendlu yakhe azimise, kumelwe alengiswe kuzo; futhi indlu yakhe mayenziwe iduli ngenxa yalokhu. UNkulunkulu obeke igama lakhe lapho uchitha wonke amakhosi nabantu abayoshaya esandleni sabo ukushintsha nokuchitha le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina, Dariyu, ngakhipha umyalo; makwenziwe ngesivinini.

Dlulisela
Funda U-Ezra 6

U-Ezra 6:1-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Khona uDariyu wakhipha isimemezelo, kwacingwa endlini yezincwadi, lapho ingcebo yayibekelelwa khona eBabele. Kwafunyanwa e-Akimetha endlini yamakhosi esezweni laseMediya umqulu okwakulotshwe kuwo isikhumbuzo sokuthi: “Ngomnyaka wokuqala kaKoresi inkosi, uKoresi inkosi wakhipha isimemezelo sokuthi: Ngendlu kaNkulunkulu eseJerusalema, indlu mayakhiwe endaweni lapho benikelela khona ngemihlatshelo, zibekwe izisekelo zayo, ziqine, ukuphakama kwayo kube yizingalo ezingamashumi ayisithupha, ububanzi bayo bube yizingalo ezingamashumi ayisithupha; ayibe nezinhla ezintathu zamatshe amakhulu, nohla lwemithi emisha, izindleko zikhishwe endlini yenkosi; futhi izitsha zegolide nezesiliva zendlu kaNkulunkulu, uNebukadinesari azikhipha ethempelini eliseJerusalema waziyisa eBabele, mazibuyiswe, ziyiswe ethempelini eliseJerusalema, kube yileso naleso endaweni yaso, zibekwe endlini kaNkulunkulu. “Ngalokho, Thathenayi, mbusi phesheya koMfula,* nawe Shethari Bozenayi nabangane benu ama-Afarisaki abangaphesheya koMfula, manibe kude nalapho; wuyekeni umsebenzi waleyo ndlu kaNkulunkulu; umbusi wabaJuda namalunga abaJuda mabakhe le ndlu kaNkulunkulu endaweni yayo. “Futhi ngikhipha isimemezelo ngeniyakukwenza kulawo malunga abaJuda ukuba kwakhiwe leyo ndlu kaNkulunkulu: labo bantu mabanikwe kakhulu izindleko empahleni yenkosi, intela yaphesheya koMfula,* ukuba bangathiywa. Abakudingayo, amaduna, nezinqama, namawundlu okuyakuba yiminikelo yokushiswa kuNkulunkulu wezulu, kanye nokolweni, nosawoti, newayini, namafutha, njengezwi labapristi abaseJerusalema, mabanikwe khona imihla ngemihla kungaphuthi ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo. “Futhi ngikhiphe isimemezelo sokuthi yilowo nalowo oguqula leli zwi, makukhishwe umuthi endlini yakhe, aphakanyiswe, abethelwe kuwo, indlu yakhe yenziwe ibe yiquba ngenxa yalokho, uNkulunkulu ohlalise khona igama lakhe awise phansi onke amakhosi nabantu abayakwelula izandla zabo ukuba baguqule lokho, bachithe le ndlu kaNkulunkulu eseJerusalema. Mina Dariyu ngikhiphe isimemezelo; masenziwe ngaso sonke isineke.”

Dlulisela
Funda U-Ezra 6

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo