UHezekeli 4:1-17

UHezekeli 4:1-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)

“Wena ndodana yomuntu, zithathele isitini, usibeke phambi kwakho, uqophe kuso umuzi iJerusalema. Uyokwakha khona okokuvimbezela, wakhe udonga lokuvimbezela, wenze khona indunduma, umise izinkambu eduze kwawo, ubeke kuyo imigoqo yokubhidliza nxazonke. Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulwenze lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, ubhekise ubuso bakho kuwo, wona uyakuvinjezelwa, uyakuwuvimbezela. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli. “Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke isono sika-Israyeli phezu kwalo; uyakuthwala isono sabo ngazo zonke izinsuku oyobe ulele ngalo. Ngikubekele izinsuku ezingangenani leminyaka yokona kwabo. Wena-ke uyakuthwala isiphambeko sendlu yakwa-Israyeli izinsuku ezingama-390. “Kuyothi lapho usuziqedile lezi, uphinde ulale futhi ngohlangothi lwesokunene, ngokwesibili uyothwala isiphambeko sendlu yakwaJuda. Ngikunqumele izinsuku ezingama-40 kulokhu, yilolo nalolo suku lungunyaka. Uyobhekisa ubuso bakho ekuvinjezelweni kweJerusalema, ingalo yakho ingemboziwe; uphrofethe, umelane nalo. Ngiyakukubopha ngezintambo, awuyukukwazi ukuguqukela kolunye uhlangothi, zize ziphele izinsuku zokuvimbezela kwakho. “Zithathele futhi ukolo, ibhali, ubhontshisi, imbumba, unyaluthi nesiphelithe, ukufake esitsheni esisodwa, bese uzenzela ngakho isinkwa. Uyakusidla ngokwenani lezinsuku oyozilala ngohlangothi, izinsuku ezingama-390. Ukudla oyakukudla ngosuku kuyakuba yisilinganiso esingamashekeli angama-20, uyakukudla ngezikhathi ezimisiweyo. Uyakuphuza amanzi akalwe aba yingxenye yesithupha yehini, uyakuwaphuza ngezikhathi ezimisiweyo. Uyakudla iqebelengwane lebhali, ulibhake phambi kwabo ngendle ephuma kumuntu.” USimakade wathi: “Kanjalo abantu bakwa-Israyeli bayakusidla isinkwa sabo esingcolile phakathi kwezizwe, lapho ngiyobaxoshela khona.” Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.” Wathi kimi: “Uyabona-ke, ngizokunika idaka lenkomo esikhundleni sendle yomuntu; isinkwa sakho uyakusenzela phezu kwalo.” Wabuye wathi, kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusulema. Bayakudla isinkwa esikaliwe, bekhathazekile, baphuze amanzi akaliweyo, bethuthumela. Ngokweswela kwabo isinkwa namanzi, bayobhekana bemangele, bashabalale ekoneni kwabo.”

UHezekeli 4:1-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

“Wena ndodana yomuntu, zithathele isitini, usibeke phambi kwakho, uqophe kuso umuzi, iJerusalema, uwuvimbezele, wakhe inqaba ngakuwo, uwunqwabele iduli, umise amakamu* ngakuwo, ubeke ngakuwo nxazonke izinqama zokungqubuza. Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulubeke lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, uqondise ubuso bakho kuwo, wona uvinjezelwe, uvinjezelwe nguwe. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli. “Futhi lala ngohlangothi lwakho lwasokhohlo, ubeke ukona kuka-Israyeli phezu kwalo; ngokomumo wezinsuku zokulala kwakho ngalo uyakuthwala ukona kwabo. Ngokuba ngikunqumele iminyaka yokona kwabo ukuba ibe ngumumo wezinsuku, zingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye, bese wuthwala ukona kwendlu yakwa-Israyeli. “Nxa usuziqedile lezi, uyakulala ngohlangothi lwakho lokunene, uthwale ukona kwendlu yakwaJuda, ngikunqumele izinsuku ezingamashumi amane, yilolo nalolo suku lube ngumnyaka. Uyakubhekisa ubuso bakho kukho ukuvinjezelwa kweJerusalema, ingalo yakho yambuliwe, uprofethe ngalo. Bheka, ngifaka amagoda phezu kwakho, awuyikuphenduka uhlangothi ngohlangothi, uze uqede izinsuku zokuvimbezela kwakho. “Futhi zithathele ukolweni, nebhali,* nobhontshisi, nembumba, nonyaluthi, nesipelite,* ukubeke esitsheni sibe sinye, uzenzele isinkwa ngakho ngokomumo wezinsuku oyakulala ngazo ngohlangothi lwakho, izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye, usidle. Ukudla kwakho oyakukudla kuyakuba ngesilinganiso, amashekeli* angamashumi amabili ngosuku, ukudle izikhathi ngezikhathi. Namanzi uyakuwaphuza ngesilinganiso, inxenye yesithupha yehini,* uphuze izikhathi ngezikhathi. Uyakukudla kungathi amaqebelengwane ebhali,* uwenze phambi kwabo ngendle ephuma kumuntu.” Wathi uJehova: “Kanjalo nabantwana bakwa-Israyeli bayakusidla isinkwa sabo singcolile phakathi kwezizwe engiyakubaxoshela kuzo.” Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.” Wathi kimi: “Bheka, ngikunike umquba esikhundleni sendle yomuntu; uyakusenza isinkwa sakho phezu kwawo.” Wathi futhi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusalema, badle isinkwa ngesilinganiso ngokwesaba, baphuze amanzi ngesilinganiso ngokumangala ukuba baswele isinkwa namanzi, bamangale omunye nomunye, babune ebubini babo.

UHezekeli 4:1-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Nawe, ndodana yomuntu, zithathele ithayela, ulibeke phansi phambi kwakho, uphonse umuzi, iJerusalema, phezu kwalo. Futhi niwuvimbezele, nakhe inqaba ngokumelene nawo, ninqwabele intaba phezu kwawo; Futhi ubeke ibhande ngokumelene nalo, futhi ubeke izinqama zokubhodloza phezu kwalo nxazonke. Zithathele ipani lensimbi, ulibeke njengogange lwensimbi phakathi kwakho nomuzi; ubhekise ubuso bakho kulo, livinjezelwe, wena ulivimbezele. Kuyoba yisibonakaliso endlini ka-Israyeli. Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke ububi bendlu kaIsrayeli phezu kwalo; ngokwenani lezinsuku olala kulo, uyakuthwala ububi babo. Ngokuba nginibekele iminyaka yokona kwabo ukuba ibe yinani lezinsuku, izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye; kanjalo uyakuthwala ububi bendlu yakwa-Israyeli. “Kuyakuthi lapho usuqedile lokho, ulale ngohlangothi lwakho lokunene, uthwale ububi bendlu yakwaJuda izinsuku ezingamashumi amane; Ngakho-ke kumelwe ubhekise ubuso bakho ekuvinjezelweni kweJerusalema, futhi ingalo yakho iyokwembulwa, futhi kumelwe uprofethe ngokumelene nayo. Bheka, ngiyakufaka izibopho phezu kwakho, ungaphendukeli kusukela kolunye uhlangothi uye kolunye, uze uqede izinsuku zokuvinjezelwa kwakho. Zithathele ukolweni, nebhali, nobhontshisi, nodali, namabele, nesipelite, ukubeke esitsheni sinye, uzenzele isinkwa sakho njengenani lezinsuku ozolala ngohlangothi lwakho izinsuku ezingamakhulu amathathu namashumi ayisishiyagalolunye. Kumelwe adle kuzo. Ukudla kwakho oyakukudla kuyakuba ngesisindo amashekeli angamashumi amabili ngosuku; kufanele ukudle izikhathi ngezikhathi. Kumelwe uphuze amanzi ngesilinganiso, ingxenye yesithupha yehini; ngezikhathi ezithile kufanele uphuze. Kumelwe ukudle njengamaqebelengwane ebhali, futhi kumelwe ukubhake ngomquba ophuma kumuntu phambi kwamehlo abo. UJehova wathi: “Ngakho abantwana bakwa-Israyeli bayakudla isinkwa sabo esingcolileyo phakathi kwezizwe, lapho ngiyobaxosha khona.” Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, umphefumulo wami awungcoliswanga, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angizange ngikudle okufayo nokudwenguliwe; futhi kakuzange kungene nyama enengekayo emlonyeni wami. Wayesethi kimi: “Bheka, ngikunike ubulongwe benkomo njengobulongwe bomuntu; kufanele ulungise isinkwa sakho ngabo. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka, ngiyakwephula udondolo lwesinkwa eJerusalema, badle isinkwa ngesilinganiso nangokukhathazeka; futhi bayophuza amanzi ngesilinganiso nangokumangala. Ukuze baswele isinkwa namanzi, omunye amangaliswe ngomunye, abhubhe ngenxa yobubi babo.

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo