UHezekeli 4

4
Isiphrofetho Ngokuvinjezelwa KweJerusalema
1“Wena ndodana yomuntu, zithathele isitini, usibeke phambi kwakho, uqophe kuso umuzi iJerusalema. 2Uyokwakha khona okokuvimbezela, wakhe udonga lokuvimbezela, wenze khona indunduma, umise izinkambu eduze kwawo, ubeke kuyo imigoqo yokubhidliza nxazonke. 3Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulwenze lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, ubhekise ubuso bakho kuwo, wona uyakuvinjezelwa, uyakuwuvimbezela. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.
4“Lala ngohlangothi lwakho lwesokhohlo, ubeke isono sika-Israyeli phezu kwalo; uyakuthwala isono sabo ngazo zonke izinsuku oyobe ulele ngalo. 5Ngikubekele izinsuku ezingangenani leminyaka yokona kwabo. Wena-ke uyakuthwala isiphambeko sendlu yakwa-Israyeli izinsuku ezingama-390.
6“Kuyothi lapho usuziqedile lezi, uphinde ulale futhi ngohlangothi lwesokunene, ngokwesibili uyothwala isiphambeko sendlu yakwaJuda. Ngikunqumele izinsuku ezingama-40 kulokhu, yilolo nalolo suku lungunyaka. 7Uyobhekisa ubuso bakho ekuvinjezelweni kweJerusalema, ingalo yakho ingemboziwe; uphrofethe, umelane nalo. 8Ngiyakukubopha ngezintambo, awuyukukwazi ukuguqukela kolunye uhlangothi, zize ziphele izinsuku zokuvimbezela kwakho.
9“Zithathele futhi ukolo, ibhali, ubhontshisi, imbumba, unyaluthi nesiphelithe, ukufake esitsheni esisodwa, bese uzenzela ngakho isinkwa. Uyakusidla ngokwenani lezinsuku oyozilala ngohlangothi, izinsuku ezingama-390. 10Ukudla oyakukudla ngosuku kuyakuba yisilinganiso esingamashekeli angama-20, uyakukudla ngezikhathi ezimisiweyo. 11Uyakuphuza amanzi akalwe aba yingxenye yesithupha yehini, uyakuwaphuza ngezikhathi ezimisiweyo. 12Uyakudla iqebelengwane lebhali, ulibhake phambi kwabo ngendle ephuma kumuntu.”
13USimakade wathi: “Kanjalo abantu bakwa-Israyeli bayakusidla isinkwa sabo esingcolile phakathi kwezizwe, lapho ngiyobaxoshela khona.”
14Ngase ngithi: “Phinde, Nkosi Simakade; umphefumulo wami awukaze ungcoliswe, ngokuba kwasebusheni bami kuze kube manje angikaze ngiyidle ingcuba, okudweshuliweyo, nenyama engcolileyo ayikaze ingene emlonyeni wami.”
15Wathi kimi: “Uyabona-ke, ngizokunika idaka lenkomo esikhundleni sendle yomuntu; isinkwa sakho uyakusenzela phezu kwalo.”
16Wabuye wathi, kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakwaphula uzime lwesinkwa eJerusulema. Bayakudla isinkwa esikaliwe, bekhathazekile, baphuze amanzi akaliweyo, bethuthumela. 17Ngokweswela kwabo isinkwa namanzi, bayobhekana bemangele, bashabalale ekoneni kwabo.”

Okuqokiwe okwamanje:

UHezekeli 4: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume