UHezekeli 36:25-28
UHezekeli 36:25-28 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu. Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake umoya omusha ezibilinini zenu, ngiyikhiphe inhliziyo yetshe emzimbeni wenu, ngininike inhliziyo yobuntu. Ngiyakufaka uMoya wami ezibilinini zenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakuzigcina izehlulelo zami, futhi nizenze. Niyakuhlala ezweni engalinika okhokho benu, nibe ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wenu.
UHezekeli 36:25-28 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo. Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha; ngiyakukhipha inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama. Ngiyakufaka uMoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami, nigcine izahlulelo zami, nizenze. Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo; niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu kini.
UHezekeli 36:25-28 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu. Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama. Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze. Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu.