UHezekeli 36:16-18
UHezekeli 36:16-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Izwi likaSimakade lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, ngesikhathi indlu ka-Israyeli isahlala ezweni layo, balingcolisa ngokuziphatha kabi kwabo nangezenzo zabo. Indlela ababeziphethe kabi ngayo yayingcolile phambi kwami, ifana nowesifazane ekungcoleni kwakhe. Ngase ngithululela ulaka lwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangenxa yokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.
UHezekeli 36:16-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: “Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balingcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe. Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo.
UHezekeli 36:16-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Futhi izwi likaJehova lafika kimi, lathi: Ndodana yomuntu, lapho indlu yakwa-Israyeli isahlezi ezweni layo, yalingcolisa njengezindlela zayo nangezenzo zayo; Ngalokho ngathulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi abalichitha phezu kwezwe naphezu kwezithombe zabo abalingcolisa ngazo.