UHezekeli 34:11-16
UHezekeli 34:11-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Mina ngizozicinga izimvu zami, ngizifune. Njengalokhu umelusi ewufuna umhlambi wakhe lapho uhlakazekile, kanjalo-ke ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizihlenge kuzo zonke izindawo ezihlakazelwe kuzo ngosuku lwamafu nesigayegaye sobumnyama. Ngiyakuzikhipha ezizweni, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, bese ngizelusela ezintabeni zakwa-Israyeli, nangasemifuleni, nasezindaweni zonke okuhlalwa kuzo ezweni. Ngiyakuzelusela emadlelweni amahle; amadlelo azo ayakuba sezintabeni eziphakemeyo kwa-Israyeli. Ziyakubuthisa emadlelweni amahle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni kwa-Israyeli. Ngiyakuzelusela Mina izimvu zami, ngizenze zibuthise,” kusho iNkosi uSimakade. “Ezilahlekileyo ngiyakuzifuna, ngizibuyise ezidukileyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo, kodwa ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzibhubhisa; ngiyakuzinakekela ngobulungiswa.
UHezekeli 34:11-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, mina ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge. Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama. Ngiyakuzikhipha kubantu, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, ngizaluse ezintabeni zakwa-Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe. Ngiyakuzalusela emadlelweni amahle, isibaya sazo sibe sezintabeni zempakama yakwa-Israyeli; ziyakubuthisa khona esibayeni esihle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni zakwa-Israyeli. Mina ngiyakuzalusa izimvu zami, ngenze ukuba zibuthise, isho iNkosi uJehova. Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.
UHezekeli 34:11-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiyakuzihlola izimvu zami, ngizicinge. Njengomalusi ebheka umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezihlakazekileyo; ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizikhulule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolumnyama. Ngiyozihola ngizikhiphe ezizweni ngiziqoqe emazweni ngiziyise ezweni lazo futhi ngizenze ziklabe ezintabeni zakwa-Israyeli ngasemifuleni nakuzo zonke izindawo ezakhiweyo zezwe. Ngiyakuzalusela edlelweni elihle, nasezintabeni eziphakeme zakwa-Israyeli ayakuba yizibaya; ziyakulala khona edlelweni elihle, ziklabe edlelweni elivundile ezintabeni zakwa-Israyeli. Mina ngiyakwelusa izimvu zami, ngizenze zibuthise, isho iNkosi uJehova. Ngiyofuna elahlekile, futhi exoshiwe, ngizoyibuyisa, futhi ephukile, ngizoyibopha futhi egulayo ngizoyiqinisa; kepha okunonileyo nokunamandla ngiyakuchitha; ngizazondla ngokwahlulela.