UHezekeli 34:11-16

UHezekeli 34:11-16 ZUL59

“ ‘Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bhekani, mina ngiyakuzifuna izimvu zami, ngizicinge. Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama. Ngiyakuzikhipha kubantu, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, ngizaluse ezintabeni zakwa-Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe. Ngiyakuzalusela emadlelweni amahle, isibaya sazo sibe sezintabeni zempakama yakwa-Israyeli; ziyakubuthisa khona esibayeni esihle, ziklabe emadlelweni aluhlaza ezintabeni zakwa-Israyeli. Mina ngiyakuzalusa izimvu zami, ngenze ukuba zibuthise, isho iNkosi uJehova. Ngiyakufuna ezilahlekileyo, ngibuyise ezixoshiweyo, ngibophe ezaphukileyo, ngiqinise ezigulayo; kepha ezikhulupheleyo nezinamandla ngiyakuzichitha, ngizaluse ngokwahlulela.