U-Eksodusi 4:10-17
U-Eksodusi 4:10-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.” UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na? Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.” Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.” Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose; wathi: “Akakho umfowenu u-Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena. Futhi bheka, uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona, uyakuthokoza enhliziyweni yakhe. Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza. Uyakukukhulumela kubantu, abe ngumlomo kuwe, wena ube njengoNkulunkulu kuye. Uzakuphatha le nduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo.”
U-Eksodusi 4:10-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMose wathi kuSimakade: “Nkosi, ngixolele, angikaze ngibe ngumuntu oyiciko lokukhuluma, kusukela kuqala kuze kube manje njengoba ukhuluma nenceku yakho, ngokuba nginamalimi, ulimi lwami lulukhuni.” USimakade wathi kuye: “Ngubani owenza umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu nesithulu, obonayo noyimpumputhe na? AkusiMina Simakade na? Ngalokho-ke hamba, ngizokuba semlonyeni wakho, ngikufundise ozokusho.” Kepha wathi: “Nkosi, ngixolele, ngiyakucela ukuba uthumele omunye.” Intukuthelo kaSimakade yamvuthela uMose, wathi: “Akekho yini umfowenu u-Aroni ongumLevi na? Ngiyazi ukuthi uliciko lokukhuluma; bheka, uyeza uzokuhlangabeza, lapho ekubona uyothokoza enhliziyweni yakhe. Uyokhuluma naye, umtshele amazwi azowakhuluma ngomlomo wakhe, ngizokuba semlonyeni wakho nakowakhe, nginifundise enizokwenza. Nguye ozokukhulumela kubantu; uyakuba ngumlomo wakho, wena ufane nonkulunkulu kuye. Phatha le nduku ngesandla sakho, wenze ngayo izibonakaliso.”
U-Eksodusi 4:10-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMose wayesethi kuJehova: “Awu, Nkosi yami, angiyena umuntu okhulumayo, nangaphambili, nasemihleni yakho, kusukela lapho ukhuluma encekwini yakho; kodwa mina nginamazwi aphuzayo nolimi olunensayo. INkosi yasisithi kuye: Ngubani owenza umlomo womuntu? Ngubani owenza isimungulu noma isithulu noma obonayo noma oyimpumputhe? Anginayo iNkosi na? Hamba manje, mina ngizakuba lomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakutsho. Wathi: “Nkosi yami, thuma ngesandla salowo omthumayo.” Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose, wathi: “Akasiye umfowenu u-Aroni umLevi na? Ngiyazi ukuthi uyakwazi ukukhuluma kahle. Futhi bheka, uyeza ukukuhlangabeza, futhi lapho ekubona, uyojabula enhliziyweni yakhe. Kumelwe ukhulume naye ufake amazwi emlonyeni wakhe; futhi ngizoba nomlomo wakho nomlomo wakhe futhi nginifundise okufanele nikwenze. Yena uyakuba ngumkhulumeli wakho kubantu, abe, yebo, abe ngawe esikhundleni somlomo, wena ube ngowakhe esikhundleni sikaNkulunkulu; Kumelwe uthathe lolu dondolo esandleni sakho ozokwenza ngalo izibonakaliso.