UMose wayesethi kuJehova: “Nkosi, angizange ngibe ngumuntu oyiqaphuqaphu, nakuqala namanje lapho usukhulumile encekwini yakho, ngokuba umlomo wami unzima, unamalimi.” UJehova wayesethi kuye: “Ngubani owenzile umlomo womuntu na? Ngubani owenza isimungulu, nesithulu, nobonayo, nempumputhe na? Akusimina, uJehova, na? Ngalokho hamba; ngizakuba nomlomo wakho, ngikufundise lokho ozakukukhuluma.” Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.” Intukuthelo kaJehova yamvuthela uMose; wathi: “Akakho umfowenu u-Aroni, umLevi, na? Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena. Futhi bheka, uyaphuma ukukuhlangabeza; nalapho ekubona, uyakuthokoza enhliziyweni yakhe. Uyakukhuluma kuye, ufake amazwi emlonyeni wakhe; ngizakuba nomlomo wakho nomlomo wakhe, nginifundise lokho eniyakukwenza. Uyakukukhulumela kubantu, abe ngumlomo kuwe, wena ube njengoNkulunkulu kuye. Uzakuphatha le nduku ngesandla sakho, oyakwenza izibonakaliso ngayo.”
Funda U-Eksodusi 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: U-Eksodusi 4:10-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo