U-Eksodusi 36:20-38
U-Eksodusi 36:20-38 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Walenzela itabernakele amapulangwe ngomuthi womtholo. Ubude besitayela babuyizingalo eziyishumi, ububanzi besitayela buyingalo nengxenye. Esinye isitayela sasinezikhonkwane ezimbili, zilingana kwesinye; wenze njalo kuzo zonke izitayela zetabernakele. Wenza izifanekiso zetabernakele; amapulangwe angamashumi amabili ohlangothini lwaseningizimu ngaseningizimu; Wenza izisekelo zesiliva ezingamashumi amane phansi kwezitayela ezingamashumi amabili; izisekelo ezimbili ezinezikhoxe ngaphansi kwepulangwe zibe neminwe yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe zeminwe yalo emibili. Olunye uhlangothi lwetabernakele olungasenyakatho, walenzela izinsika ezingamashumi amabili; nezisekelo zazo zesiliva ezingamashumi amane; izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe. Ezinhlangothini zetabernakele ngasentshonalanga wazenzela izinsika eziyisithupha. Wenza nezinsika ezimbili emagumbini etabernakele ohlangothini lwezinhlangothi zombili. Ahlanganiswa esinqeni, ahlangana enhloko yawo, icilongo linye; wenze njalo kuwo womabili emagumbini omabili. Futhi kwakukhona izitayela eziyisishiyagalombili; futhi izinyawo zazo zaziyizinyawo eziyishumi nesithupha zesiliva, izisekelo ezimbili ngaphansi kwesimbo ngasinye. Wenza imigoqo ngomuthi womtholo; ezinhlanu zezinsika zolunye uhlangothi lwetabernakele; nemishayo eyisihlanu yezinsika zolunye uhlangothi lwetabernakele, nemishayo eyisihlanu yezinsika zetabernakele ngasemuva ngasentshonalanga. Wenza ugongolo oluphakathi ukuba ludabule amapulangwe lusuka kolunye uhlangothi luye kolunye. Wanameka izinsika ngegolide, wawenza amasongo azo ngegolide, aba yizindawo zemishayo, wanameka imishayo ngegolide. Wenza isilenge ngokububende, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo; Walenzela izinsika ezine zomuthi womtholo, wazinameka ngegolide; izisekelo zazo zazingezegolide; wazibumbela izisekelo ezine zesiliva. Wenzela umnyango wetabernakele iveli lokuyibubende, nokububende, nokubomvu, nelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi; nezinsika zalo eziyisihlanu nezisekelo zazo, wanameka izihloko zazo namasongo azo ngegolide, nezinyawo zazo ezinhlanu zazingezethusi.
U-Eksodusi 36:20-38 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Benza amapulangwe ethende ngokhuni lomkhambathi, bawamisa. Ubude bepulangwe babungamakhubhithi alishumi, ububanzi balo buyikhubhithi nengxenye. Ipulangwe ngalinye lalinezikhonkwane ezimbili zokulixhumanisa; benza kanjalo kuwo wonke amapulangwe ethabanakeli. Benza amapulangwe ethabanakeli angama-20 ohlangothini lwaseningizimu, olubheke eningizimu ngendlela efanayo. Benza izisekelo ezingama-40, zizimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe. Ohlangothini lwesibili lwethabanakeli ngasenyakatho benza amapulangwe angama-20, nezisekelo zesiliva ezingama-40, zizimbili phansi kwepulangwe ngalinye, kanjalo nalandelayo. Ngasohlangothini olungemuva kwethabanakeli ngasentshonalanga, benza amapulangwe ayisithupha. Benza amapulangwe amabili emagunjini angemuva ethabanakeli. Ayehlukene phansi, ehlangene phezulu esongweni; bawenza omabili ngale ndlela emagunjini omabili. Kwakunamapulangwe ayisishiyagalombili nezisekelo zawo zesiliva ezili-16; phansi kwalelo nalelo pulangwe kwakunezisekelo ezimbili. Benza imishayo ngokhuni lomkhambathi, yaba mihlanu eyamapulangwe asohlangothini olulodwa lwethabanakeli, nemishayo emihlanu yamapulangwe akolunye uhlangothi lwethabanakeli, neminye emihlanu entshonalanga ngasemuva kwethabanakeli. Benza umshayo ophakathi nendawo, ukuba udabule usuka kulolu hlangothi, uye kolunye uhlangothi lwamapulangwe. Bawacaka amapulangwe ngegolide, benza amasongo awo ngegolide ukuze abambe imishayo, bayicaka nemishayo ngegolide. Benza ikhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, lahlotshiswa ngamakherubhi ngobungcweti obukhulu. Balenzela izinsika ezine ngokhuni lomkhambathi bazicaka ngegolide, izinkintsho zalo ziyigolide. Balenzela nezisekelo ezine zesiliva. Benza amakhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, umsebenzi wengcweti yokuhlobisa. Benza izinsika ezinhlanu nezinkintsho zazo, bacaka izihloko zezinduku nezisekelo ngegolide, kodwa izisekelo zazo ezinhlanu zazingezethusi.
U-Eksodusi 36:20-38 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wawenza amapulangwe amiyo etabernakele ngomuthi womtholo. Ubude bepulangwe babuyizingalo eziyishumi, nobubanzi bepulangwe babuyingalo nenxenye. Yilelo nalelo pulangwe lalinemisuka emibili, omunye malungana nomunye; wenze njalo kuwo onke amapulangwe etabernakele. Wawenza amapulangwe etabernakele, amapulangwe angamashumi amabili ohlangothi lwaseningizimu olubheka ngaseningizimu. Wazenza izinyawo ezingamashumi amane zesiliva phansi kwamapulangwe angamashumi amabili, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye, ezemisuka yalo emibili, nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe, ezemisuka yalo emibili. Uhlangothi lwesibili lwetabernakele ngasohlangothini lwasenyakatho walwenzela amapulangwe angamashumi amabili, nezinyawo zawo ezingamashumi amane zesiliva, izinyawo ezimbili phansi kwepulangwe linye nezinyawo ezimbili phansi kwelinye ipulangwe. Uhlangothi lwetabernakele olungasemuva ngasentshonalanga walwenzela amapulangwe ayisithupha. Amapulangwe amabili wawenzela amagumbi etabernakele angasemuva. Ayemabili phansi, kanjalo aphelela aze afika phezulu esongweni lokuqala; wenze njalo kuwo omabili emagumbini omabili. Kwakungamapulangwe ayisishiyagalombili nezinyawo zawo zesiliva, izinyawo eziyishumi nesithupha, izinyawo ezimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe. Wayenza imishayo ngomuthi womtholo, yaba ngeyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele, nemishayo eyisihlanu yamapulangwe olunye uhlangothi lwetabernakele, nemishayo eyisihlanu yamapulangwe etabernakele ohlangothini olungasemuva ngasentshonalanga. Wawenza umshayo waphakathi ukuba udabule phakathi kwamapulangwe, kusukela ekugcineni ngalapha kuze kufike ekugcineni ngalapha. Wanameka amapulangwe ngegolide, wawenza amasongo awo ngegolide, abe yizindawo zezinti; wanameka nezinti ngegolide. Wasenza isihenqo ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, wasenza saba namakherubi,* umsebenzi wengcweti. Wasenzela izinsika ezine zomtholo, wazinameka ngegolide; izingwegwe zazo zaziyigolide; wazikhandela izinyawo ezine zesiliva. Walenza iveli lomnyango wetende ngokuluhlaza nangokububende nangokubomvu, nangelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo, umsebenzi womfekethisi, nezinsika zalo eziyisihlanu nezingwegwe zazo; wanameka izihloko zazo nezibopho zazo ngegolide; izinyawo zazo eziyisihlanu zaziyithusi.