I-Eksodusi 36:20-38

I-Eksodusi 36:20-38 ZUL20

Benza amapulangwe ethende ngokhuni lomkhambathi, bawamisa. Ubude bepulangwe babungamakhubhithi alishumi, ububanzi balo buyikhubhithi nengxenye. Ipulangwe ngalinye lalinezikhonkwane ezimbili zokulixhumanisa; benza kanjalo kuwo wonke amapulangwe ethabanakeli. Benza amapulangwe ethabanakeli angama-20 ohlangothini lwaseningizimu, olubheke eningizimu ngendlela efanayo. Benza izisekelo ezingama-40, zizimbili phansi kwalelo nalelo pulangwe. Ohlangothini lwesibili lwethabanakeli ngasenyakatho benza amapulangwe angama-20, nezisekelo zesiliva ezingama-40, zizimbili phansi kwepulangwe ngalinye, kanjalo nalandelayo. Ngasohlangothini olungemuva kwethabanakeli ngasentshonalanga, benza amapulangwe ayisithupha. Benza amapulangwe amabili emagunjini angemuva ethabanakeli. Ayehlukene phansi, ehlangene phezulu esongweni; bawenza omabili ngale ndlela emagunjini omabili. Kwakunamapulangwe ayisishiyagalombili nezisekelo zawo zesiliva ezili-16; phansi kwalelo nalelo pulangwe kwakunezisekelo ezimbili. Benza imishayo ngokhuni lomkhambathi, yaba mihlanu eyamapulangwe asohlangothini olulodwa lwethabanakeli, nemishayo emihlanu yamapulangwe akolunye uhlangothi lwethabanakeli, neminye emihlanu entshonalanga ngasemuva kwethabanakeli. Benza umshayo ophakathi nendawo, ukuba udabule usuka kulolu hlangothi, uye kolunye uhlangothi lwamapulangwe. Bawacaka amapulangwe ngegolide, benza amasongo awo ngegolide ukuze abambe imishayo, bayicaka nemishayo ngegolide. Benza ikhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, lahlotshiswa ngamakherubhi ngobungcweti obukhulu. Balenzela izinsika ezine ngokhuni lomkhambathi bazicaka ngegolide, izinkintsho zalo ziyigolide. Balenzela nezisekelo ezine zesiliva. Benza amakhethini ngokuluhlaza okwesibhakabhaka, ngokubukhwebezane, ngokubomvu, nangelineni lemicu ephothiweyo elicolekileyo, umsebenzi wengcweti yokuhlobisa. Benza izinsika ezinhlanu nezinkintsho zazo, bacaka izihloko zezinduku nezisekelo ngegolide, kodwa izisekelo zazo ezinhlanu zazingezethusi.