U-Eksodusi 35:1-3
U-Eksodusi 35:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UMose wabutha yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kuyo: “Yilawa mazwi awayalile uJehova ukuba niwenze. Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa umsebenzi, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, lube yisabatha lokuphumula likaJehova; bonke abenza umsebenzi ngalo bayakubulawa. Aniyikubasa mlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.”
U-Eksodusi 35:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMose walihlanganisa lonke ibandla lakwa-Israyeli, wathi kulo: “Yilokhu uSimakade aniyala ngakho ukuba nikwenze: niyosebenza izinsuku eziyisithupha, kodwa ngosuku lwesikhombisa niyokuba neSabatha likaSimakade elingcwele lokuphumula, yilowo nalowo owenza umsebenzi ngalo uyobulawa. Aniyukuwubasa umlilo emakhaya enu ngosuku lwesabatha.”
U-Eksodusi 35:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UMose wabiza yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nanka amazwi uJehova ayala ngawo ukuba niwenze. Izinsuku eziyisithupha kumelwe kusetshenzwe, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyakuba kini usuku olungcwele, isabatha lokuphumula elivela kuJehova; wonke umuntu osebenza kulo kumele abulawe. Akumelwe nibase umlilo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha.