U-Eksodusi 34:4-7
U-Eksodusi 34:4-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
UMose wabaza izibhebhe ezimbili zamatshe zafana nezokuqala, wavuka ekuseni ngovivi, wakhuphukela entabeni iSinayi njengoba uSimakade ayemyalile, ephethe izibhebhe ezimbili zamatshe. USimakade wehla ngefu, wama naye lapho, wamemezela igama likaSimakade. USimakade wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka, ogcina umusa kubo abayizinkulungwane, athethelele ububi neziphambeko nezono, nokho ongayukumyeka engamjezisanga onecala, ohambela ububi babazali kubantwana, nakubantwana babantwana, kuze kube yisizukulwane sesithathu nesesine.”
U-Eksodusi 34:4-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe. UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova. UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”
U-Eksodusi 34:4-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Waqopha izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; UMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhwela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile, waphatha esandleni sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe. INkosi yehla ngeyezi yema lapho kanye naye, yabiza iGama leNkosi. INkosi yasidlula phambi kwakhe yamemeza yathi: INkosi, iNkosi, uNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, ochichimayo ebuhleni leqiniso! Gcina umusa kwabayizinkulungwane, uthethelele ububi neziphambeko nezono, futhi awusoze wakhulula onecala; ohambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana kwesesithathu nesesine isizukulwane.