U-Eksodusi 34:28-35
U-Eksodusi 34:28-35 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi. Ngesikhathi uMose ehla entabeni iSinayi ephethe izibhebhe ezimbili zobufakazi esandleni sakhe, wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, ngokuba wayekade ekhuluma noSimakade. Lapho u-Aroni nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bembona uMose, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, ngakho-ke besaba ukusondela kuye. Kepha uMose wababiza, u-Aroni nabo bonke abaholi bakwa-Israyeli, beza kuye, wakhuluma nabo. Sekwedlule lokho, bonke abantu bakwa-Israyeli basondela, wayesebayala ngakho konke uSimakade ayekukhulume kuye entabeni iSinayi. UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wamboza ubuso bakhe ngemvakazi. Kodwa lapho uMose eya phambi kukaSimakade eyokhuluma naye wayeyisusa imvakazi, aze aphume. Uma esephumile wayekhuluma kubantu bakwa-Israyeli lokho ayekuyaliwe. Abakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sabo siyakhazimula; uMose wayebumboza ngemvakazi aze ayisuse uma eseyokhuluma noSimakade.
U-Eksodusi 34:28-35 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Wayelapho noJehova izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, kadlanga lutho, kaphuzanga manzi. Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo eyishumi. Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye. Bathi u-Aroni nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bembona uMose, bheka, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula, besaba ukusondela kuye. UMose wayesebabiza; u-Aroni nazo zonke izinduna zenhlangano babuyela-ke kuye; uMose wayesekhuluma kubo. Ngasemuva bonke abantwana bakwa-Israyeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova akukhulume kuye entabeni yaseSinayi. UMose eseqedile ukukhuluma nabo, wafaka iveli ebusweni bakhe. Kepha uMose esezakungena phambi kukaJehova ukukhuluma naye, walikhumula iveli waze waphuma; waphuma, wakhuluma kubantwana bakwa-Israyeli lokho akuyalelweyo. Abantwana bakwa-Israyeli babubona ubuso bukaMose ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhazimula; uMose wayesebuye walifaka iveli ebusweni bakhe waze wangena ukuyokhuluma naye.
U-Eksodusi 34:28-35 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Wayekhona lapho neNkosi izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; akadlanga sinkwa, akaphuzanga manzi; Waloba ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalo eyishumi. Kwathi uMose ehla entabeni yaseSinayi nezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sikaMose ekwehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula lapho ekhuluma naye. U-Aroni nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli bembona uMose, isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula; besaba ukusondela kuye. UMose wababiza; u-Aroni nazo zonke izikhulu zenhlangano babuyela kuye; uMose wakhuluma kubo. Ngemva kwalokho bonke abantwana bakwa-Israyeli basondela, wabayala ngakho konke uJehova ayekukhulume kuye entabeni yaseSinayi. UMose waze waqeda ukukhuluma nabo, wafaka iveli ebusweni bakhe. Kwathi lapho uMose engena phambi kukaJehova ukuba akhulume naye, walisusa iveli waze waphuma. Wasephuma, wakhuluma kubantwana bakoIsrayeli njengokulaywa kwakhe. Lapho abantwana bakwa-Israyeli bebona ubuso bukaMose, ukuthi isikhumba sobuso bukaMose sasikhazimula; uMose wabuye wafaka iveli ebusweni bakhe, waze wangena ukukhuluma naye.