U-Eksodusi 34:1-6
U-Eksodusi 34:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe zifane nezokuqala. Ngizobhala kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephulayo. Zilungiselele ukuba ekuseni kusasa ukhuphukele entabeni iSinayi, uzibonakalise khona phambi kwami esiqongweni sentaba. Akuyukukhuphuka muntu nawe, futhi makungabonakali muntu entabeni yonke, kungaklabi ngisho izimvu, izimbuzi nezinkomo phambi kwaleyo ntaba.” UMose wabaza izibhebhe ezimbili zamatshe zafana nezokuqala, wavuka ekuseni ngovivi, wakhuphukela entabeni iSinayi njengoba uSimakade ayemyalile, ephethe izibhebhe ezimbili zamatshe. USimakade wehla ngefu, wama naye lapho, wamemezela igama likaSimakade. USimakade wadlula phambi kwakhe, wamemezela wathi: “USimakade! USimakade! UNkulunkulu onesihe nomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene nokwethembeka
U-Eksodusi 34:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo. Mawube usulungele kusasa, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume khona phambi kwami esiqongweni sentaba. Akuyikukhuphuka muntu nawe, kungabonakali muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyo ntaba.” Wayesebaza izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; uMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhuphukela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile; waphatha ngesandla sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe. UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova. UJehova wadlula phambi kwakhe, wamemeza wathi: “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso
U-Eksodusi 34:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wayesethi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula. Ulungele ekuseni, ukhuphukele entabeni yaseSinayi ekuseni, ume lapho phambi kwami esiqongweni sentaba. Makungabikho muntu akhuphuke nawe, futhi kungabonakali muntu kuyo yonke intaba; futhi izimvu nezinkomo zingadli phambi kwaleyo ntaba. Waqopha izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala; UMose wavuka ekuseni kakhulu, wakhwela entabeni yaseSinayi, njengalokho uJehova emyalile, waphatha esandleni sakhe izibhebhe ezimbili zamatshe. INkosi yehla ngeyezi yema lapho kanye naye, yabiza iGama leNkosi. INkosi yasidlula phambi kwakhe yamemeza yathi: INkosi, iNkosi, uNkulunkulu olesihawu lomusa, obekezelayo, ochichimayo ebuhleni leqiniso!