U-Eksodusi 33:1-3
U-Eksodusi 33:1-3 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wenyuke lapha, wena nabantu obakhuphulile ezweni laseGibithe, uye ezweni engalifungela ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe, ngathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho.’ Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi, uye ezweni elichichima ubisi nezinyosi. Angiyikukhuphuka ngiphakathi kwenu, lokhu ningabantu abantamo ilukhuni, funa nginiqede endleleni.”
U-Eksodusi 33:1-3 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi kuMose: “Hamba, suka kule ndawo, wena nabantu owabakhipha eGibhithe, niye ezweni engafunga ngalo ku-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe, ngathi: ‘Ngiyolinika izizukulwane zakho.’ Ngizothuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, ama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi. Khuphukani niye ezweni elichichima ubisi noju, kodwa Mina ngeke ngibe phakathi kwenu, ngokuba ningabantu abantamo lukhuni, funa nginiqede nya endleleni.”
U-Eksodusi 33:1-3 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
INkosi yasisithi kuMozisi: Hamba usuke lapho, wena labantu owabakhupha elizweni leGibhithe, uye elizweni engalifungela uAbrahama, uIsaka loJakobe, ngathi: Kuwe. Inzalo ngiyakuyinika; Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho; futhi ngiyowaxosha amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi. Ezweni elivame ubisi nezinyosi, ngokuba angiyikukhuphukela phakathi kwenu; ngokuba niyisizwe esintamo-lukhuni, funa nginiqede endleleni.