U-Eksodusi 31:12-17
U-Eksodusi 31:12-17 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wathi kuMose: “Wena uqobo khuluma kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyakugcina amasabatha ami, ngokuba awuphawu phakathi kwami nani, naphakathi kwezizukulwane zenu, ukuba nazi ukuthi nginguSimakade oningcwelisayo. Niyogcina isabatha ngokuba lingcwele kini. Yilowo nalowo olingcolisayo uyobulawa, nalowo owenza umsebenzi ngalo uyonqunywa phakathi kwabantu. Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kodwa usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade. Yilowo nalowo owenza umsebenzi ngosuku lwesabatha uyobulawa. Ngakho-ke abantu bakwa-Israyeli bayoligcina isabatha, bayoligcina izizukulwane ngezizukulwane njengesivumelwano saphakade. Liwuphawu lwaphakade phakathi kwami nabantu bakwa-Israyeli, lokuthi uSimakade wadala izulu nomhlaba ngezinsuku eziyisithupha, kwathi ngosuku lwesikhombisa waphumula, wahlumeleleka.’ ”
U-Eksodusi 31:12-17 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Khuluma futhi kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Niyawagcina amasabatha ami, ngokuba ayisibonakaliso phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu; ukuze nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo. Ngakho anogcina isabatha; ngoba lingcwele kini; oyingcolisayo wobulawa nokubulawa; ngoba noma ubani owenza noma yimuphi umsebenzi kulo, lowo mphefumulo kumelwe unqunywe phakathi kwabantu bakubo. Izinsuku eziyisithupha kusetshenzwa; kepha ngosuku lwesikhombisa yisabatha, lingcwele kuJehova; yilowo nalowo owenza noma yimuphi umsebenzi ngosuku lwesabatha wobulawa nokubulawa. Ngakho-ke abantwana bakwa-Israyeli kumelwe bagcine isabatha ukuze bagcine isabatha ezizukulwaneni zabo njengesivumelwano esiphakade. Lokhu kuyisibonakaliso phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngoba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, futhi ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.
U-Eksodusi 31:12-17 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Anogcina amasabatha, ngokuba aluphawu phakathi kwami nani ezizukulwaneni zenu ukuba nazi ukuthi nginguJehova oningcwelisayo. “ ‘Gcinani isabatha, ngokuba lingcwele kini; yilowo nalowo olonayo uyakubulawa nokubulawa, ngokuba osebenza umsebenzi ngalo uyakunqunywa kubantu bakubo. Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula, lingcwele kuJehova: bonke abasebenza umsebenzi ngosuku lwesabatha bayakubulawa nokubulawa. Ngalokho abakwa-Israyeli bayakuligcina isabatha, balilonde ezizukulwaneni zabo libe yisivumelwano esiphakade. Liluphawu phakathi kwami nabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade, ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova walenza izulu nomhlaba, kepha ngosuku lwesikhombisa waphumula, waqabuleka.’ ”