U-Eksodusi 31:1-6
U-Eksodusi 31:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakhuluma kuMose wathi: “Bheka, ngimbize ngegama uBhezaleli indodana ka-Uri, ka-Huri wesizwe sakwaJuda, futhi ngimgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, ngamandla okwazi, ngokuhlakanipha nangokwazi lonke uhlobo lomsebenzi wezandla, ukuze asebenze ngobungcweti ngegolide, ngesiliva, nangethusi, abaze amatshe ezisekelo, abaze ukhuni, enze nayo yonke imisebenzi yezandla enhlobonhlobo. Ngaphezu kwalokho, ngimkhethile yena no-Oholiyabe, indodana ka-Ahisamakhi wesizwe sakwaDani, futhi ngibanike ubuchwepheshe bonke abanamakhono, ukuze benze konke engikuyale ukuba ukwenze
U-Eksodusi 31:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHuri, owesizwe sakwaJuda. Ngimgcwalisile ngoMoya kaNkulunkulu, ngokuhlakanipha nangokuqonda nangokwazi nangamandla emisebenzini yonke, ukuba aqambe imisebenzi yobungcweti, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi, nangokuqopha amatshe okufakwa, nangokuqopha imithi, yebo, ukuba asebenze imisebenzi yonke. Bheka, mina ngimisile kanye naye u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho
U-Eksodusi 31:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UJehova wakhuluma kuMose, wathi: Bheka, ngibize ngegama uBesaleli indodana ka-Uri kaHure, owesizwe sakwaJuda. Ngamgcwalisa ngomoya kaNkulunkulu, ekuhlakanipheni, nasekuqondeni, nangokwazi, nangobungcweti bonke; ukuba aklame imisebenzi yobuqili, asebenze ngegolide, nangesiliva, nangethusi; nasekuqopheni amatshe, awafake, nokubaze ngokhuni, enze yonke imisebenzi yobuciko. Bheka, ngimnike u-Oholiyabe indodana ka-Ahisamagi wesizwe sakwaDani kanye naye