U-Eksodusi 30:22-29
U-Eksodusi 30:22-29 IsiZulu 2020 (ZUL20)
USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Thatha izinongo zekhethelo: imure engamashekeli angama-500, isinamoni engama-250, ikalamu elinuka kahle elingama-250, ikhasiya elingama-500 ngokweshekeli lendlu engcwele, nehini lamafutha omnqumo. Uyokwenza ngalokhu amafutha okugcoba angcwele, anamakha athakiweyo njengokwenza komthaki, ayakuba ngamafutha angcwele okugcoba. Uyakugcoba ngawo ithende lokuhlangana, umphongolo wesivumelwano, itafula nezinto zonke zalo, uthi lwesibani nezinto ezikulo, i-althare lempepho, i-althare lomnikelo wokushiswa nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo. Uyokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; konke okuzithintayo kuyakuba ngcwele.
U-Eksodusi 30:22-29 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngaphezu kwalokho, uJehova wakhuluma kuMose, wathi: Futhi zithathele izinongo eziphambili, amashekeli angamakhulu ayisihlanu emure elicwengekileyo, nesinamoni elimnandi ingxenye yalo, amashekeli angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekhalamu elimnandi amashekeli angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu; nekasiya amashekeli angamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli lendlu engcwele nehini lamafutha omnqumo; Kumelwe uwenze amafutha angcwele okugcoba, ingxube yokugcoba njengomsebenzi womkhanzi weziqholo; kuyakuba ngamafutha angcwele okugcoba. Ugcobe kanye nalo itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi; netafula, nezitsha zalo zonke, nothi lwesibani, nezitsha zalo, ne-altare lempepho; ne-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke, nomcengezi nothi lwawo. Kumelwe uzingcwelise, ukuze zibe ngcwele kakhulu; konke okubathintayo kuyakuba ngcwele.

U-Eksodusi 30:22-29 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UJehova wakhuluma futhi kuMose, wathi: “Zithabathele amakha amahle, imure* eliphumayo lamashekeli* angamakhulu ayisihlanu, nokinamona* othaphukayo wenxenye yalokho, okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekalamu* elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekasiya* lamakhulu ayisihlanu ngokweshekeli* lendlu engcwele, nehini* lamafutha eminqumo. Uwenze amafutha angcwele okugcoba amakha athakiweyo njengokwenza komthaki, abe ngamafutha angcwele okugcoba. Wogcoba itende lokuhlangana nomphongolo wobufakazi, netafula nezitsha zalo zonke, nothi lwezibani nezitsha zalo, ne-altare lempepho, ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zalo zonke, nomcengezi nesinqe sawo. Wokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; bonke abakuthintayo bayakuba ngcwele.