I-Eksodusi 30:22-29

I-Eksodusi 30:22-29 ZUL20

USimakade wakhuluma kuMose, wathi: “Thatha izinongo zekhethelo: imure engamashekeli angama-500, isinamoni engama-250, ikalamu elinuka kahle elingama-250, ikhasiya elingama-500 ngokweshekeli lendlu engcwele, nehini lamafutha omnqumo. Uyokwenza ngalokhu amafutha okugcoba angcwele, anamakha athakiweyo njengokwenza komthaki, ayakuba ngamafutha angcwele okugcoba. Uyakugcoba ngawo ithende lokuhlangana, umphongolo wesivumelwano, itafula nezinto zonke zalo, uthi lwesibani nezinto ezikulo, i-althare lempepho, i-althare lomnikelo wokushiswa nazo zonke izitsha zalo, nomcengezi nesinqe sawo. Uyokungcwelisa ukuze kube ngcwele kakhulu; konke okuzithintayo kuyakuba ngcwele.