U-Eksodusi 16:1-11
U-Eksodusi 16:1-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Basuka e-Elimi; ibandla lonke labantwana bakwa-Israyeli lafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma ezweni laseGibithe. Lonke ibandla labantwana bakwa-Israyeli lakhonona ngoMose nango-Aroni ehlane. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi nga safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, lapho sasihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla isinkwa sisutha, ngokuba nisiphumisele kuleli hlane ukuyobulala lonke leli bandla ngendlala.” UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha. Kuzakuthi ngosuku lwesithupha bakulungise abakungenisileyo; kuzakuba ngokuphindwe kabili kwalokhu abakubutha imihla ngemihla.” OMose no-Aroni bathi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibithe. Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova, lokhu ezwile izinkonono zenu ngoJehova; thina siyini ukuba nikhonone ngathi na?” UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.” UMose wathi ku-Aroni: “Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘Sondelani phambi kukaJehova, ngokuba uzwile izinkonono zenu.’ ” Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini. UJehova wakhuluma kuMose, wathi
U-Eksodusi 16:1-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka e-Elimu laze layofika ehlane iSini phakathi kwe-Elimu neSinayi, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesibili bephumile eGibhithe. Lonke ibandla lakwa-Israyeli lakhononda ngoMose no-Aroni ehlane. Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.” USimakade wayesethi kuMose: “Bheka, ngizonisela kini isinkwa esivela ezulwini, abantu bazophuma nsuku zonke babuthe esanele lolo lusuku. Ngaleyo ndlela ngizobavivinya ukuthi bazowugcina yini umthetho wami noma qha. Ngosuku lwesithupha bazobutha okuphindiwe kunalokho abakubutha nsuku zonke.” UMose no-Aroni bathi kubantu bakwa-Israyeli: “Kusihlwa nizokwazi ukuthi nguSimakade owanikhipha eGibhithe. Ekuseni nizobona inkazimulo kaSimakade, ngokuba ukuzwile ukukhononda kwenu ngaye. Ngokuba besingobani thina ukuba ningakhononda ngathi na?” UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.” UMose wathi ku-Aroni: “Tshela bonke abantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Sondelani kuSimakade, ngokuba ukuzwile ukukhononda kwenu.’ ” Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini. USimakade wakhuluma kuMose, wathi
U-Eksodusi 16:1-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Basuka e-Elimi, inhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli yafika ehlane laseSini eliphakathi kwe-Elimi neSinayi ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesibili emva kokuphuma kwabo ezweni laseGibithe. Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yakhonona ngoMose no-Aroni ehlane. Abantwana bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi safa ngesandla sikaJehova ezweni laseGibithe, sihlezi ngasemakhanzini enyama, sidla inala yesinkwa; ngoba nisikhiphise kuleli hlane ukuba nibulale lonke leli bandla ngendlala. UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; futhi abantu kumelwe baphume futhi baqoqe inani elithile nsuku zonke, ukuze ngibavivinye ukuthi bayohamba yini emthethweni wami noma cha. Futhi kuyokwenzeka ukuthi ngosuku lwesithupha bayolungisa lokho abazokuletha; futhi kuyoba ngokuphindwe kabili kunaleyo abayiqoqa nsuku zonke. OMose no-Aroni base bethi kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli: “Ngakusihlwa niyakwazi ukuthi uJehova unikhiphile ezweni laseGibhithe. Kusasa niyakubona inkazimulo kaJehova; ngoba uyezwa ukukhonona kwenu ngoJehova. Thina siyini ukuthi nikhonone ngathi? Wayesethi uMose: “Kuyakuthi uma uJehova eninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nesinkwa ekuseni nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa ukububula kwenu ngaye. Futhi siyini? anikhononi ngathi, kepha niphikisana neNkosi. UMozisi wasesithi kuAroni: Tshono kuyo yonke inhlanganiso yabantwana bakoIsrayeli, uthi: Sondelani phambi kweNkosi, ngoba ikuzwile ukukhonona kwenu. U-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane, bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini. UJehova wakhuluma kuMose, wathi