I-Eksodusi 16

16
UNkulunkulu Ubahlinzeka Ngemana Nangezigwaca
1 Lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli lasuka e-Elimu laze layofika ehlane iSini phakathi kwe-Elimu neSinayi, ngosuku lwe-15, ngenyanga yesibili bephumile eGibhithe. 2 Lonke ibandla lakwa-Israyeli lakhononda ngoMose no-Aroni ehlane. 3 Abantu bakwa-Israyeli bathi kubo: “Sengathi ngabe safa ngesandla sikaSimakade eGibhithe, lapho sasihlala ngasemabhodweni, sidle inyama nokunye ukudla sisuthe; kunokuba nisilethe lapha kuleli hlane, nizobulala lonke leli bandla ngendlala.”
4 USimakade wayesethi kuMose: “Bheka, ngizonisela kini isinkwa esivela ezulwini, abantu bazophuma nsuku zonke babuthe esanele lolo lusuku. Ngaleyo ndlela ngizobavivinya ukuthi bazowugcina yini umthetho wami noma qha. 5 Ngosuku lwesithupha bazobutha okuphindiwe kunalokho abakubutha nsuku zonke.”
6UMose no-Aroni bathi kubantu bakwa-Israyeli: “Kusihlwa nizokwazi ukuthi nguSimakade owanikhipha eGibhithe. 7 Ekuseni nizobona inkazimulo kaSimakade, ngokuba ukuzwile ukukhononda kwenu ngaye. Ngokuba besingobani thina ukuba ningakhononda ngathi na?”
8UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.”
9 UMose wathi ku-Aroni: “Tshela bonke abantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Sondelani kuSimakade, ngokuba ukuzwile ukukhononda kwenu.’ ”
10 Kwathi nje u-Aroni esakhuluma nabantu bonke bakwa-Israyeli, baphenduka babheka ngasehlane; bheka, babona inkazimulo kaSimakade efini.
11USimakade wakhuluma kuMose, wathi: 12“Ngikuzwile ukukhononda kwabantu bakwa-Israyeli; khuluma kubo, uthi: ‘Ngakusihlwa niyakudla inyama, ekuseni nizitike ngesinkwa; niyokwazi ukuthi nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”
13 Kusihlwa kwakhuphuka izigwaca zemboza enkanjini; ekuseni kwakulele amazolo ezungeze enkanjini. 14 Kwathi lapho amazolo esehwamukile, bheka kwakusele untwentwesana olucolisakeleyo ehlane, lwaluluncane njengeqhwa emhlabathini. 15 Lapho abantu bakwa-Israyeli belubona, bakhuluma omunye komunye, bathi: “Kuyini lokhu na?”
Ngokuba babengazi ukuthi kwakuyini lokho.
UMose wathi kubo: “Yisinkwa uNkulunkulu aninike sona ukuba nisidle. 16Yileli lizwi uSimakade aniyale ngalo wathi: ‘Kubutheni kube yilowo ngokwesilinganiso sakhe, i-omeri kumuntu ngokwesibalo sabantu, nithathele bonke abasemathendeni enu.’ ”
17Abantu bakwa-Israyeli benza kanjalo, abanye babutha okuningi, abanye okuncane. 18 Kepha kwathi lapho bekulinganisa nge-omeri, kulabo ababebuthe okuningi akusalanga lutho, nalabo ababebuthe okuncane abantulanga: yilowo nalowo wayebuthe ngangokwesidingo sakhe.
19 UMose wathi kubo: “Makungabi bikho okushiyayo kuze kube sekuseni.”
20Abantu nokho abamlalelanga uMose, abanye bashiya ingxenye kwaze kwaba sekuseni, yabola yaphethuka izimpethu, yanuka. UMose wabathukuthelela. 21Njalo ekuseni kwaba yilowo nalowo wabutha ngangokwesidingo sakhe, kodwa lapho seliphakeme ilanga, kwakuncibilika.
22 Ngosuku lwesithupha babebutha ukudla okuphindwe kabili, ama-omeri amabili ngamunye. Bonke abaholi beza bambikela uMose, 23 wathi kubo: “USimakade ukhulumile wathi: ‘Kusasa lusuku lokuphumula, usuku olungcwele kuSimakade, bhakani enifuna ukukubhaka, nibilise enifuna ukukubilisa, okuseleyo kubekeni kuze kube sekuseni.’ ”
24 Bakubeka kwaze kwaba sekuseni, njengalokhu uMose ayebayalile; akunukanga, futhi akuzange kube nezimpethu. 25UMose wathi: “Kudleni namuhla, ngokuba namuhla yisabatha kuSimakade, namuhla anizukukuthola endle. 26Nizokubutha izinsuku eziyisithupha, kodwa kuthi ngolwesikhombisa oluyisabatha kungabi bikho.”
27Ngosuku lwesikhombisa abanye abantu baphuma ukuyokubutha, kodwa abafumananga lutho. 28 USimakade wathi kuMose: “Kuyoze kube nini nenqaba ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na? 29 Bhekani, uSimakade uninike isabatha, ngakho-ke ngosuku lwesithupha uyaninika ukudla okwanele izinsuku ezimbili, hlalani yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi noyedwa endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”
30Abantu baphumula ngosuku lwesikhombisa.
31 Indlu yakwa-Israyeli yakubiza lokho ngokuthi yimana, kwakufana nezinhlamvu zekhoriyenda, kumhlophe, kunambitheka njengekhekhebana elinoju. 32UMose wathi: “Yileli izwi uSimakade aniyala ngalo, ethi: ‘Makugcinwe i-omeri eligcwele lalokhu ukuze izizukulwane zenu zibone ukudla enganondla ngakho ehlane, lapho nginikhipha eGibhithe.’ ”
33 UMose wathi ku-Aroni: “Thatha isitsha, ufake kuso i-omeri lemana ligcwale, ulibeke phambi kukaSimakade ukuze ligcinelwe izizukulwane zenu.”
34 Njengalokhu uSimakade emyalile uMose, u-Aroni walibeka i-omeri lemana phambi kobufakazi, ukuze lilondolozeke kahle. 35 Abantu bakwa-Israyeli badla imana iminyaka engama-40, baze bafinyelela ezweni okwakhiwe kulo; bayidla imana baze bafika emngceleni weKhanani. 36I-omeri ingokweshumi kwe-efa.

Okuqokiwe okwamanje:

I-Eksodusi 16: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo