U-Eksodusi 14:19-20
U-Eksodusi 14:19-20 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ingelosi kaNkulunkulu eyayihamba phambi kwempi yabakwa-Israyeli yasuka yaya ngemuva kwabo; nensika yefu eyayihamba phambi kwabo yasuka yaba ngemuva kwabo. Yaba phakathi kwempi yabaseGibhithe nempi yabakwa-Israyeli. Kwakukhona ifu nobumnyama, ifu lakhanyisa ebusuku kodwa akekho owasondela komunye ubusuku bonke.
U-Eksodusi 14:19-20 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ingelosi kaNkulunkulu eyayihambile phambi kwempi ka-Israyeli yasuka yahamba emva kwabo, nensika yefu yasuka phambi kwabo, yema emva kwabo. Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku, ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.
U-Eksodusi 14:19-20 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ingelosi kaNkulunkulu eyaphuma phambi kwempi yakwa-Israyeli yasuka, yabalandela; insika yefu yasuka phambi kwawo, yema emva kwawo. Yangena phakathi kwempi yabaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; futhi laliyifu nobumnyama kubo, kodwa lalibakhanyisela ebusuku, ukuze omunye angafiki komunye ubusuku bonke.