I-Eksodusi 14:19-20

I-Eksodusi 14:19-20 ZUL20

Ingelosi kaNkulunkulu eyayihamba phambi kwempi yabakwa-Israyeli yasuka yaya ngemuva kwabo; nensika yefu eyayihamba phambi kwabo yasuka yaba ngemuva kwabo. Yaba phakathi kwempi yabaseGibhithe nempi yabakwa-Israyeli. Kwakukhona ifu nobumnyama, ifu lakhanyisa ebusuku kodwa akekho owasondela komunye ubusuku bonke.