U-Eksodusi 14:10-18
U-Eksodusi 14:10-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade. Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba eGibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenze yona ngokusikhipha eGibhithe na? Asishongo yini kuwe siseseGibhithe sathi: ‘Siyeke ukuze sisebenzele abaseGibhithe’ na? Ngokuba bekungcono ukusebenzela abaseGibhithe kunokuba sizofela ehlane.” Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade. USimakade uzonilwela, nina thulani du.” USimakade wathi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Khuluma kubantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe. Wena phakamisa induku yakho, welulele isandla sakho phezu kolwandle ulwehlukanise, yikhona abantu bakwa-Israyeli bezodabula ulwandle behamba emhlabathini owomileyo. Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi. AbaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade lapho sengizitholele udumo ngoFaro, nezinqola zakhe zempi, nangabagibele amahhashi.”
U-Eksodusi 14:10-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo; bheka, abaseGibithe babebalandela; base besaba kakhulu; abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova. Bathi kuMose: “Kungokuba kwakungekho mathuna eGibithe usikhiphile ukuba sifele ehlane na? Usenzeleni lokhu, wasikhipha eGibithe, na? Leli alisilo izwi esalikhuluma kuwe eGibithe, sithi: ‘Siyeke, sikhonze abaseGibithe,’ na? Ngokuba bekuyakuba ngcono kithi ukubakhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane.” UMose wathi kubantu: “Ningesabi; qinani, nibone ukusindisa kukaJehova azakunenzela khona namuhla, ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubuye nibabone naphakade.” UJehova uzakunilwela, nothula nina. UJehova wayesethi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bahambe. Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo. Bheka, mina ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, babalandele; ngizakudunyiswa ngoFaro nangempi yakhe yonke, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe. AbaseGibithe bazakwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngidunyisiwe ngoFaro, ngezinqola zakhe nangabamahhashi bakhe.”
U-Eksodusi 14:10-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
UFaro esesondela, abantwana bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo, bheka, abaseGibithe babebalandela; besaba kakhulu, abantwana bakwa-Israyeli bakhuleka kuJehova. Base bethi kuMose: “Ngokuba kwakungekho mathuna eGibithe wasisusa ukuba sifele ehlane na?” wasenzelani kanje, wasikhipha eGibithe na? Leli akulona yini izwi esalikhuluma kuwe eGibhithe ukuthi: Ake sime, ukuze sikhonze abaseGibhithe? Ngokuba kwakungcono kithi ukukhonza abaseGibithe kunokuba sifele ehlane. UMose wayesethi kubantu: “Ningesabi; yimani, nibone ukusindiswa kweNkosi ezonenzela khona namuhla; ngokuba abaseGibithe enibabonile namuhla anisayikubabona kuze kube phakade. UJehova uyakunilwela, nina nithule; UJehova wathi kuMose: “Ungibizelani na? khuluma nabantwana bakwa-Israyeli ukuthi baqhubeke. Kepha wena phakamisa udondolo lwakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, uluhlukanise, ukuze abantwana bakwa-Israyeli badabule ulwandle emhlabathini owomileyo. Mina, bheka, ngiyakuzenza lukhuni izinhliziyo zabaseGibithe, bawalandele; ngizakhazimulisa uFaro lakulo lonke ibutho lakhe, lezinqola zakhe, labagadi bamabhiza bakhe. AbaseGibithe bayakwazi ukuthi nginguJehova, uma ngimdumise uFaro, nezinqola zakhe, nabamahhashi bakhe.