Kwathi lapho uFaro esesondela, abantu bakwa-Israyeli baphakamisa amehlo abo bababona abaseGibhithe bebalandela, besaba kakhulu abantu bakwa-Israyeli, base bekhala kuSimakade. Bathi kuMose: “Yingoba abengekho yini amangcwaba eGibhithe ukuba usikhiphele kuleli hlane sizofela khona na? Yini le osenze yona ngokusikhipha eGibhithe na? Asishongo yini kuwe siseseGibhithe sathi: ‘Siyeke ukuze sisebenzele abaseGibhithe’ na? Ngokuba bekungcono ukusebenzela abaseGibhithe kunokuba sizofela ehlane.” Kepha uMose wathi kubantu: “Ningesabi, qinani, nibone ukukhululwa uSimakade azonenzela khona namuhla; ngokuba laba baseGibhithe enibabona namuhla anisayukuphinde nibabone naphakade. USimakade uzonilwela, nina thulani du.” USimakade wathi kuMose: “Ukhalelani kimi na? Khuluma kubantu bakwa-Israyeli ukuba bahambe. Wena phakamisa induku yakho, welulele isandla sakho phezu kolwandle ulwehlukanise, yikhona abantu bakwa-Israyeli bezodabula ulwandle behamba emhlabathini owomileyo. Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi. AbaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade lapho sengizitholele udumo ngoFaro, nezinqola zakhe zempi, nangabagibele amahhashi.”
Funda I-Eksodusi 14
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: I-Eksodusi 14:10-18
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo