U-Esteri 3:1-6
U-Esteri 3:1-6 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo. Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama, zakhuleka kuHamani, ngokuba inkosi iyale kanjalo ngaye. Kepha uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye. Zase zithi izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi kuMoridekayi: “Weqelani isiyalezo senkosi na?” Kwathi zikhuluma kuye imihla ngemihla, engazilaleli, zamtshela uHamani ukuba zibone ukuthi amazwi kaMoridekayi ayakuma yini, ngokuba wayezitshelile ukuthi ungumJuda. Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye, uHamani wagcwala ulaka. Kwakudelelekile emehlweni akhe ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa, ngokuba zase zimtshelile abantu bakaMoridekayi; ngalokho uHamani wafuna ukubulala bonke abaJuda ababe sembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, isizwe sikaMoridekayi.
U-Esteri 3:1-6 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Emveni kwalezo zinto, inkosi u-Ahasheveroshi yaqokela esikhundleni esiphezulu uHamani, indodana kaHamedatha, umAgagi, yamenza umengameli wazo zonke izikhulu ezikanye naye. Zonke izikhulu zenkosi ezazisesangweni layo zaziguqa, zikhothamele uHamani njengokusho kwenkosi. UMoridekhayi nokho akazange amguqele noma amkhothamele uHamani. Izikhulu zenkosi ezazisesangweni zambuza uMoridekhayi, zathi: “Kungani weqa umyalo wenkosi na?” Nanxa zazikhuluma naye nsuku zonke zimbuza, uMoridekhayi akazange azilalele. Zase zihamba zayotshela uHamani ukuze zizwe ukuthi uMoridekhayi uzoma yini emazwini akhe okuthi ungumJuda. UHamani ebona ukuthi uMoridekhayi akamguqeli, futhi akamkhothameli, wacasuka kakhulu. Wakubona kungenele ukuthi enzakalise uMoridekhayi kuphela, ngoba wayesezwile ukuthi ungumJuda, wenza icebo lokubulala bonke abaJuda, abantu bakubo kaMoridekhayi ababehlala embusweni ka-Ahasheveroshi.
U-Esteri 3:1-6 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Emva kwalokho inkosi u-Ahashiveroshi yamphakamisa uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yabeka isihlalo sakhe phezu kwezikhulu zonke ezazinaye. Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama zakhothamela uHamani, ngokuba inkosi yayiyale kanjalo ngaye. Kodwa uMoridekayi akazange akhothame, futhi akazange amhloniphe. Izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zathi kuMoridekayi: Kungani weqa umyalo wenkosi na? Kwathi besakhuluma kuye insuku zonke, engabalalelanga, basebetshela uHamani ukuthi abone ukuthi indaba kaMoridegayi izakuma yini, ngoba wayebatshelile ukuthi yena ungumJuda. Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothama futhi akamhloniphanga, uHamani wathukuthela. Wadelela ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa; ngoba bamvumela ukuthi abone abantu bakaMoridegayi; ngalokho uHamani wazama ukubhubhisa bonke abaJuda ababesembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, abantu bakaMoridegayi.