U-Esteri 3:1-6

U-Esteri 3:1-6 ZUL59

Emva kwalezo zinto inkosi, u-Ahashiveroshi, yamenza mkhulu uHamani indodana kaHamedatha umAgagi, yamphakamisa, yamisa isihlalo sakhe phezu kwazo zonke izikhulu ezazinayo. Zonke izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi zakhothama, zakhuleka kuHamani, ngokuba inkosi iyale kanjalo ngaye. Kepha uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye. Zase zithi izinceku zenkosi ezazisesangweni lenkosi kuMoridekayi: “Weqelani isiyalezo senkosi na?” Kwathi zikhuluma kuye imihla ngemihla, engazilaleli, zamtshela uHamani ukuba zibone ukuthi amazwi kaMoridekayi ayakuma yini, ngokuba wayezitshelile ukuthi ungumJuda. Lapho uHamani ebona ukuthi uMoridekayi akakhothamanga, kakhulekanga kuye, uHamani wagcwala ulaka. Kwakudelelekile emehlweni akhe ukubeka izandla kuMoridekayi yedwa, ngokuba zase zimtshelile abantu bakaMoridekayi; ngalokho uHamani wafuna ukubulala bonke abaJuda ababe sembusweni wonke ka-Ahashiveroshi, isizwe sikaMoridekayi.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne U-Esteri 3:1-6