Kwabase-Efesu 4:7-10
Kwabase-Efesu 4:7-10 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Kodwa yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu. Ngakho uthi: Esenyukele phezulu, wathumba abathunjwa, wapha abantu izipho. (Manje lokhu ukuthi wenyuka, kuyini, ngaphandle kokuthi wehlela ezindaweni eziphansi zomhlaba na? Yena owehlayo nguye laye owenyukela kakhulu phezu kwamazulu wonke, ukuze agcwalise zonke izinto.)
Kwabase-Efesu 4:7-10 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Kodwa yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu. Ngakho uthi: Esenyukele phezulu, wathumba abathunjwa, wapha abantu izipho. (Manje lokhu ukuthi wenyuka, kuyini, ngaphandle kokuthi wehlela ezindaweni eziphansi zomhlaba na? Yena owehlayo nguye laye owenyukela kakhulu phezu kwamazulu wonke, ukuze agcwalise zonke izinto.)
Kwabase-Efesu 4:7-10 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kepha yilowo nalowo phakathi kwethu, uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKhristu. Ngakho kuthi: “Esenyukele phezulu wathumba ababethunjiwe, wapha abantu izipho.” Kusho ukuthini ukuthi wenyuka, uma kungesikho ukuthi wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na? Lowo owehlayo, nguYena owenyukela phezu kwamazulu wonke, ukuze akuphelelise konke.
Kwabase-Efesu 4:7-10 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu. Ngalokho uthi: “Esenyukele phezulu wathumba abathunjiweyo, wapha abantu izipho.” Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na? Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke.