Kwabase-Efesu 3:1-7
Kwabase-Efesu 3:1-7 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe – uma ngabe senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngenxa yenu ukuthi ngaziswa imfihlakalo ngesambulo, njengalokho sengaloba ngokufushane – okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu, bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli; engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.
Kwabase-Efesu 3:1-7 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngenxa yalokhu mina Pawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu bezizwe, Uma nizwile ngokwesimiso somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe kini; ukuthi wangazisa imfihlakalo ngesambulo; (njengoba ngibhale ngaphambili ngamagama ambalwa), okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu; Okwathi kwezinye izikhathi okungakaziswanga kubantwana babantu, njengalokhu sekubonakalisiwe kubaphostoli bakhe abangcwele labaprofethi ngoMoya; ukuze abezizwe babe yizindlalifa kanye nami, futhi babe umzimba ofanayo, futhi abahlanganyeli sesithembiso sakhe kuKristu ngevangeli. engaba khona isikhonzi sakho ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngokusebenza kwamandla akhe.
Kwabase-Efesu 3:1-7 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe. Uma impela senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu angiphe wona ngenxa yenu, ukuthi wangambulela ngesambulo imfihlakalo, njengoba nganilobela kafushane ngaphambilini; okuyothi uma niyifunda niqonde ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKhristu. Akayazisanga amadodana abantu ezizukulwaneni ezandulelayo, njengalokhu seyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaphrofethi ngoMoya, ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKhristu uJesu ngevangeli; engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe.
Kwabase-Efesu 3:1-7 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngenxa yalokhu mina Pawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu bezizwe, Uma nizwile ngokwesimiso somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe kini; ukuthi wangazisa imfihlakalo ngesambulo; (njengoba ngibhale ngaphambili ngamagama ambalwa), okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu; Okwathi kwezinye izikhathi okungakaziswanga kubantwana babantu, njengalokhu sekubonakalisiwe kubaphostoli bakhe abangcwele labaprofethi ngoMoya; ukuze abezizwe babe yizindlalifa kanye nami, futhi babe umzimba ofanayo, futhi abahlanganyeli sesithembiso sakhe kuKristu ngevangeli. Engaba khona isikhonzi sakho ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngokusebenza kwamandla akhe.