Kwabase-Efesu 3

3
Kwabase-Efesu 3
1Ngenxa yalokhu mina Pawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu bezizwe,
2Uma nizwile ngokwesimiso somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe kini;
3ukuthi wangazisa imfihlakalo ngesambulo; (njengoba ngibhale ngaphambili ngamagama ambalwa),
4okungalokho, nxa nifunda, nibe nokuqonda ukwazi kwami emfihlakalweni kaKristu;
5Okwathi kwezinye izikhathi okungakaziswanga kubantwana babantu, njengalokhu sekubonakalisiwe kubaphostoli bakhe abangcwele labaprofethi ngoMoya;
6ukuze abezizwe babe yizindlalifa kanye nami, futhi babe umzimba ofanayo, futhi abahlanganyeli sesithembiso sakhe kuKristu ngevangeli.
7engaba khona isikhonzi sakho ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngokusebenza kwamandla akhe.
8Mina engingomncinyane kunomncinyane kubo bonke abangcwele, ngiphiwe lomusa, ukuthi ngitshumayele phakathi kwabezizwe ingcebo kaKristu engaphenyisisekiyo;
9nokwenza bonke babone ukuthi iyini inhlanganyelo yemfihlakalo ebifihliwe kuNkulunkulu kusukela kwasekuqaleni, owadala izinto zonke ngoJesu Kristu;
10ukuze khathesi kwababusi lamandla embusweni wezulu kwaziwe ngebandla ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okunengi okwehlukeneyo;
11njengokwenjongo yaphakade ayimisayo kuKristu Jesu iNkosi yethu;
12esilesibindi kuye lokungena ngesibindi ngokholo lwakhe.
13Ngakho-ke ngiyathanda ukuba ningadangali ngokuhlushwa kwami ngenxa yenu, okungudumo lwenu.
14Ngalokho ngiyaguqa kuYise weNkosi yethu uJesu Kristu;
15okuqanjwe ngaye umndeni wonke wasezulwini nasemhlabeni.
16ukuze aninike ngokwengcebo yenkazimulo yakhe ukuba niqiniswe ngamandla ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi;
17ukuze uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa; ukuze nina, nigxilile, nisekelwe othandweni;
18Kambe likwazi kanye labo bonke abangcwele ukuthi buyini ububanzi, lobude, lokujula, lokuphakama;
19Nokwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi, ukuze nigcwaliswe ngakho konke ukugcwala kukaNkulunkulu.
20Kuye yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikucabangayo ngokwamandla asebenza kithi.
21Makube kuye udumo ebandleni ngoKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

Okuqokiwe okwamanje:

Kwabase-Efesu 3: ZuluNT

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo