Kwabase-Efesu 2:17-22
Kwabase-Efesu 2:17-22 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise. Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi, okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye, ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.
Kwabase-Efesu 2:17-22 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, nakubo abaseduze. Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngaMoya munye kuBaba. Ngakho-ke aniseyibo abezizwe nezihambi, kodwa niyizakhamuzi ezikanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu; Nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uJesu Kristu uqobo lwakhe eyitshe legumbi; okukuye isakhiwo sonke esihlanganiswe kahle sikhule sibe ithempeli elingcwele eNkosini; enibuye nakhiwe ndawonye kuye, nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.
Kwabase-Efesu 2:17-22 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, nakubo abaseduze. Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngaMoya munye kuBaba. Ngakho-ke aniseyibo abezizwe nezihambi, kodwa niyizakhamuzi ezikanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu; Nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uJesu Kristu uqobo lwakhe eyitshe legumbi; okukuye isakhiwo sonke esihlanganiswe kahle sikhule sibe ithempeli elingcwele eNkosini; enibuye nakhiwe ndawonye kuye, nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.
Kwabase-Efesu 2:17-22 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Weza washumayela ivangeli lokuthula kini enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuBaba. Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaphrofethi, uKhristu uJesu uqobo eyitshe legumbi, okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, okukuyo nani, nakhiwe ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.