Kwabase-Efesu 2:11-16
Kwabase-Efesu 2:11-16 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho khumbulani ukuthi nina enikade ningabezizwe enyameni, ababizwa ngokuthi abangakasoki ngalokho okuthiwa ngabasokile enyameni okwenziwa ngezandla; Ngalesosikhathi naningenaye uKristu, ningaphandle kombuso ka-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude nisondele ngegazi likaKristu. Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba-nye, wadiliza ugange oluphakathi oluhlukanisayo; Echithile ubutha enyameni yakhe, umthetho wemiyalo osezimisweni; ukuze enze kuye ngababili umuntu munye omusha, enze ukuthula; lokuthi enze ukuthi bobabili babuyisane loNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngaso
Kwabase-Efesu 2:11-16 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke khumbulani ukuthi nanikade ningabezizwe ngokwenyama, nibizwa ngokuthi ningabangasokile yilabo abaziwa ngokuthi basokile, okwenziwa ngezandla enyameni, ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKhristu, ningaphandle komphakathi wabakwa-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, futhi ningenaNkulunkulu emhlabeni. Kepha manje kuKhristu uJesu, nina enanikade nikude, senenziwe nabaseduze ngegazi likaKhristu. Yena ungukuthula kwethu, owenza okubili kwaba kunye, wabhidliza udonga olwehlukanisayo olungubutha enyameni yakhe. Waqeda umthetho, imiyalo nezimiso, ukuze adale kuYena labo ababili, bahlangane babe muntu munye omusha, enze ukuthula. Wenza ngesiphambano ukubuyisana kwababili kuNkulunkulu emzimbeni munye, wabuqeda ubutha ngaso.
Kwabase-Efesu 2:11-16 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama, ababizwa ngokuthi abangasoki yilabo ababizwa ngokuthi abokusoka, okwenziwa ngezandla enyameni, ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka-Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu. Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha, ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula, enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho.
Kwabase-Efesu 2:11-16 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)