Kwabase-Efesu 2:11-13
Kwabase-Efesu 2:11-13 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Ngakho khumbulani ukuthi nina enikade ningabezizwe enyameni, ababizwa ngokuthi abangakasoki ngalokho okuthiwa ngabasokile enyameni okwenziwa ngezandla; Ngalesosikhathi naningenaye uKristu, ningaphandle kombuso ka-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude nisondele ngegazi likaKristu.
Kwabase-Efesu 2:11-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke khumbulani ukuthi nanikade ningabezizwe ngokwenyama, nibizwa ngokuthi ningabangasokile yilabo abaziwa ngokuthi basokile, okwenziwa ngezandla enyameni, ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKhristu, ningaphandle komphakathi wabakwa-Israyeli, ningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, futhi ningenaNkulunkulu emhlabeni. Kepha manje kuKhristu uJesu, nina enanikade nikude, senenziwe nabaseduze ngegazi likaKhristu.
Kwabase-Efesu 2:11-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngakho khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama, ababizwa ngokuthi abangasoki yilabo ababizwa ngokuthi abokusoka, okwenziwa ngezandla enyameni, ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka-Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.
Kwabase-Efesu 2:11-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)