Kwabase-Efesu 1:7-14
Kwabase-Efesu 1:7-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe, asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda, esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe, azokuphelelisa ngesikhathi esifanele, ukuhlanganisa konke kuKhristu, konke okusezulwini nokusemhlabeni; kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe, ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe. Kuye, nani senilizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, nakholwa nguye futhi, nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele wesethembiso oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kwabangabakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.
Kwabase-Efesu 1:7-14 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe; okukhona uye waphuphuma kithi ngokuhlakanipha konke nokuqonda; esesazisile imfihlo yentando yakhe, njengokufisa kwakhe okuhle akuhlosileyo kuye; ukuze ekuhleleni kokuphelela kwezikhathi abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, ezisezulwini nezisemhlabeni; nakuye: kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe; ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esathemba kuqala kuKristu. enimethembayo nani, seselizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu; okuyisibambiso sefa lethu, kuze kuhlengwe lokho okwathengwayo, kube ludumo lwenkazimulo yakhe.
Kwabase-Efesu 1:7-14 IsiZulu 2020 (ZUL20)
esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe, asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda, esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe, azokuphelelisa ngesikhathi esifanele, ukuhlanganisa konke kuKhristu, konke okusezulwini nokusemhlabeni; kuye futhi sabelwa ifa, njengokuba sasikumiselwe ngaphambilini ngokwecebo lalowo owenza konke ngokwentando yakhe, ukuze thina esethembele kuKhristu ngaphambilini, sibe ludumo lwenkazimulo yakhe. Kuye, nani senilizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, nakholwa nguye futhi, nabekwa uphawu ngoMoya oNgcwele wesethembiso oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kwabangabakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.
Kwabase-Efesu 1:7-14 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda, esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili, kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni; kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe, ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu; kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.
Kwabase-Efesu 1:7-14 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe; okukhona uye waphuphuma kithi ngokuhlakanipha konke nokuqonda; esesazisile imfihlo yentando yakhe, njengokufisa kwakhe okuhle akuhlosileyo kuye; ukuze ekuhleleni kokuphelela kwezikhathi abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, ezisezulwini nezisemhlabeni; nakuye: kuye futhi sazuza ifa kuye, esamiselwa ngaphambili ngokwenjongo yalowo osebenza zonke izinto ngokwecebo lentando yakhe; ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esathemba kuqala kuKristu. Enimethembayo nani, seselizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu; okuyisibambiso sefa lethu, kuze kuhlengwe lokho okwathengwayo, kube ludumo lwenkazimulo yakhe.