Kwabase-Efesu 1:3-8
Kwabase-Efesu 1:3-8 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ngezibusiso zonke zomoya ezulwini kuKristu. njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni; esimisele ngaphambili ukuthi sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengokwakufisa kwentando yakhe; kube yinkazimulo yenkazimulo yomusa wakhe asenze ngawo umusa ngothandiweyo. esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe; okukhona uye waphuphuma kithi ngokuhlakanipha konke nokuqonda
Kwabase-Efesu 1:3-8 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, osibusisile ezulwini kuKhristu ngaso sonke isibusiso sokomoya; njengalokhu asikhetha kuye ngothando ungakasekelwa umhlaba ukuba sibe ngcwele, singabi nasici phambi kwakhe. Wakumisa phambilini ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Khristu, njengalokhu kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, ukuze kudunyiswe inkazimulo yomusa wakhe asinike wona ngesihle ngothandiweyo, esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kweziphambeko ngokwengcebo yomusa wakhe, asiphe wona ngokwedlulele kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda
Kwabase-Efesu 1:3-8 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya, njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe; wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo; esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda
Kwabase-Efesu 1:3-8 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ngezibusiso zonke zomoya ezulwini kuKristu. Njengalokho wasikhetha kuye ngaphambi kokusekelwa kwezwe, ukuze sibe ngcwele, singasoleki phambi kwakhe othandweni; esimisele ngaphambili ukuthi sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengokwakufisa kwentando yakhe; kube yinkazimulo yenkazimulo yomusa wakhe asenze ngawo umusa ngothandiweyo. Esilokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe; okukhona uye waphuphuma kithi ngokuhlakanipha konke nokuqonda