Kwabase-Efesu 1:17-23
Kwabase-Efesu 1:17-23 Baasraak Zulu New Testament Bible (ZULUNT)
ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aninike umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena; Amehlo okuqonda kwakho akhanyiselwe; ukuze nazi ukuthi liyini ithemba lokubizwa kwakhe, nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kwabangcwele; futhi buyini ubukhulu obudlulele bamandla akhe kithi esikholwayo ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu; awenza kuKristu, lapho emvusa kwabafileyo, wammisa ngakwesokunene sakhe emazulwini, phezu kwabo bonke ubukhosi, lamandla, lamandla, lobukhosi, lalo lonke ibizo elibizwayo, kungeyisikho kulomhlaba kuphela, kodwa lakulowo ozayo; Futhi ubeke zonke izinto ngaphansi kwezinyawo zakhe, futhi wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke ebandleni. Ongumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kukho konke.
Kwabase-Efesu 1:17-23 IsiZulu 2020 (ZUL20)
ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena, esekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, ukuze nikwazi lokho okuyithemba lobizo lwakhe nokuthi iyini ingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu, asebenze ngawo kuKhristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe emazulwini, ngaphezu kakhulu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama wonke aphathwayo, kungekulesi sikhathi kuphela, kepha nakwesizayo. Wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa ukuba abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.
Kwabase-Efesu 1:17-23 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena; ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini, ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.
Kwabase-Efesu 1:17-23 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)