UmShumayeli 9:11-12
UmShumayeli 9:11-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngabuya ngabona phansi kwelanga ukuthi ukugijima akusikho okwabanejubane, nokulwa akukho kwabanamandla, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ingeyabantu abanengqondo, futhi umusa awukho kwabahlakaniphileyo; kodwa isikhathi nethuba kubafica bonke. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe: njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nanjengezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo abantwana babantu bayathandeka ngesikhathi esesabekayo lapho sibafica ngokuzumayo.
UmShumayeli 9:11-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.
UmShumayeli 9:11-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo.