UMshumayeli 9

9
Isiphetho Sabo Bonke Siyefana
1 Konke lokhu ngakucabangisisa enhliziyweni yami, ngihlola ukuthi kungani abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma luthando noma yinzondo, akekho umuntu okwazi konke okuphambi kwakhe. 2 Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo.
3 Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo. 4Kodwa osabalelwa kwabaphilayo usenethemba, ngokuba inja ephilayo ingcono kunebhubesi elifileyo. 5 Abaphilayo bayazi ukuthi bazokufa, kodwa abafileyo abasazi lutho, futhi abasenamvuzo; abasakhunjulwa nakukhunjulwa. 6 Kubo uthando nenzondo nomona sekuphelile, abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga.
7 Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje. 8 Izingubo zakho azihlale zimhlophe, nekhanda lakho lihlale ligcotshwe ngamafutha. 9 Jabulela impilo nomkakho omthandayo, zonke izinsuku zempilo yakho eyize akunike yona phansi komthunzi welanga, ngoba yisona sabelo sempilo yakho emshikashikeni wakho owushikashika phansi komthunzi welanga. 10 Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona.
11 Kukhona okunye engakubona
phansi komthunzi welanga:
umncintiswano wokugijima
awuyi ngajubane,
nempi akusiyo eyabanamandla,
nakudla kohlakaniphileyo,
namcebo, nampumelelo
kwabanamakhono,
kodwa isikhathi nethuba
kubehlela bonke.
12 Ngokuba umuntu
akasazi isikhathi sakhe;
kunjengezinhlanzi ezibanjwa
enethini elinonya,
nezinyoni ezibanjwa ogibeni;
kanjalo nabantu babanjwa
ogibeni olubi, oluyisikhathi
esibafikela bengazelele.
Isibonelo Esikhulu Sokuhlakanipha
13Ngabuye ngabona okunye phansi komthunzi welanga, okube yisibonelo esikhulu sokuhlakanipha kimi. 14Kwakukhona umuzi omncane owawunabantu abayingcosana; kwase kufika inkosi enkulu yawuhlasela, yawuvimbezela, yakha izindunduma ezinkulu zokuhlasela. 15 Kulowo muzi kwakukhona indoda empofu ehlakaniphile, yona ngokuhlakanipha kwayo yawuhlenga, kodwa akekho oyikhumbulayo leyo ndoda empofu. 16 Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla,” ngisho noma ukuhlakanipha komuntu ompofu kwedeleleka, namazwi akhe engashaywa mkhuba.
17 Ukukhulumela phansi kwabahlakaniphile kuyalalelwa
kunokumemeza kombusi phakathi kwezilima.
18 Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa,
kodwa isikhohlakali sisinye
sibhubhisa okuhle okuningi.

Okuqokiwe okwamanje:

UMshumayeli 9: ZUL20

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume