UmShumayeli 9:1-18

UmShumayeli 9:1-18 IsiZulu 2020 (ZUL20)

Konke lokhu ngakucabangisisa enhliziyweni yami, ngihlola ukuthi kungani abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma luthando noma yinzondo, akekho umuntu okwazi konke okuphambi kwakhe. Isiphetho sabo bonke siyefana: abalungile nabangalungile, abahle nababi, abahlanzekile nabangcolile, abethula imihlatshelo nabangayethuli. Njengoba enjalo umuntu olungileyo, sinjalo nesoni; nanjengoba enjalo ofungayo, unjalo nobalekela isifungo. Nabu ububi obukukho konke okwenzeka phansi komthunzi welanga: bonke behlelwa yinto efanayo; izinhliziyo zabo bonke abantu zigcwele ububi, ukuhlanya kukuzo besaphila, emuva kwalokho baya kwabafileyo. Kodwa osabalelwa kwabaphilayo usenethemba, ngokuba inja ephilayo ingcono kunebhubesi elifileyo. Abaphilayo bayazi ukuthi bazokufa, kodwa abafileyo abasazi lutho, futhi abasenamvuzo; abasakhunjulwa nakukhunjulwa. Kubo uthando nenzondo nomona sekuphelile, abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi komthunzi welanga. Hamba, udle ukudla kwakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho uthokozile enhliziyweni yakho, ngokuba uNkulunkulu uvele ukuvumele lokhu okwenza manje. Izingubo zakho azihlale zimhlophe, nekhanda lakho lihlale ligcotshwe ngamafutha. Jabulela impilo nomkakho omthandayo, zonke izinsuku zempilo yakho eyize akunike yona phansi komthunzi welanga, ngoba yisona sabelo sempilo yakho emshikashikeni wakho owushikashika phansi komthunzi welanga. Noma yini isandla sakho esiyitholayo yenze ngamandla akho wonke, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona. Kukhona okunye engakubona phansi komthunzi welanga: umncintiswano wokugijima awuyi ngajubane, nempi akusiyo eyabanamandla, nakudla kohlakaniphileyo, namcebo, nampumelelo kwabanamakhono, kodwa isikhathi nethuba kubehlela bonke. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele. Ngabuye ngabona okunye phansi komthunzi welanga, okube yisibonelo esikhulu sokuhlakanipha kimi. Kwakukhona umuzi omncane owawunabantu abayingcosana; kwase kufika inkosi enkulu yawuhlasela, yawuvimbezela, yakha izindunduma ezinkulu zokuhlasela. Kulowo muzi kwakukhona indoda empofu ehlakaniphile, yona ngokuhlakanipha kwayo yawuhlenga, kodwa akekho oyikhumbulayo leyo ndoda empofu. Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla,” ngisho noma ukuhlakanipha komuntu ompofu kwedeleleka, namazwi akhe engashaywa mkhuba. Ukukhulumela phansi kwabahlakaniphile kuyalalelwa kunokumemeza kombusi phakathi kwezilima. Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kodwa isikhohlakali sisinye sibhubhisa okuhle okuningi.

UmShumayeli 9:1-18 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)

Ngalokho ngacabanga enhliziyweni yami ukuba ngimemezele konke lokhu ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo kanye nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; akakho owazi uthando nenzondo kukho konke okuphambi kwakhe. Konke kwenzeka kubo bonke ngokufanayo: esinye isenzakalo ngesolungileyo nesinye ngesomubi; kwabahle nabahlanzekileyo nabangcolile; konikelayo nakulowo ongahlabiyo: njengomuhle, unjalo nesoni; nofungayo njengowesaba isifungo. Kubi kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi kube nesigameko sinye kubo bonke; yebo, nenhliziyo yabantwana babantu igcwele ububi, nokuhlanya kusenhliziyweni yabo besaphila, ngasemuva bahlubuka yana kwabafileyo. Ngokuba ohlangene nabo bonke abaphilayo kunethemba, ngokuba inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo. Ngoba abaphilayo bayazi ukuthi bayokufa, kodwa abafileyo abazi lutho futhi abasenawo umvuzo; ngoba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele. Uthando lwabo, nenzondo yabo, nomhawu wabo sekuphelile; futhi abanasabelo phakade kukho konke okwenziwa phansi kwelanga. Hamba, udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini lakho ngenhliziyo ethokozayo; ngoba uNkulunkulu useyayemukela imisebenzi yakho. Izingubo zenu mazibe mhlophe njalo; ikhanda lakho lingasweli amafutha. Hlala ngokuthokoza nowesifazane omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize akunike zona phansi kwelanga, zonke izinsuku zakho eziyize; ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokhu kuphila nasemshikashikeni wakho owenzayo phansi kwelanga. Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho; ngoba akukho msebenzi, nacebo, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona. Ngabuya ngabona phansi kwelanga ukuthi ukugijima akusikho okwabanejubane, nokulwa akukho kwabanamandla, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ingeyabantu abanengqondo, futhi umusa awukho kwabahlakaniphileyo; kodwa isikhathi nethuba kubafica bonke. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe: njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nanjengezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo abantwana babantu bayathandeka ngesikhathi esesabekayo lapho sibafica ngokuzumayo. Ngabona lokhu kuhlakanipha phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi; Kwakukhona umuzi omncane, unabantu abambalwa kuwo; kwafika inkosi enkulu kuwo, yawuvimbezela, yakha igoqo elikhulu ngakulo. Kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo, yawusindisa umuzi ngokuhlakanipha kwayo; nokho akakho owamkhumbula lowo muntu ompofu. Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kungcono kunamandla; nokho ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali. Amazwi abahlakaniphileyo azwakala ekuthuleni, kunokukhala kobusa phakathi kweziwula. Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, kepha isoni sinye sichitha izinto eziningi.

UmShumayeli 9:1-18 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)

Ngokuba konke lokho ngakubeka enhliziyweni yami ukuhlola konke lokho ukuthi abalungileyo nabahlakaniphileyo nemisebenzi yabo kusesandleni sikaNkulunkulu; noma kuluthando noma kuyinzondo, akukho muntu okwaziyo; konke kusebusweni babo. Konke kungabehlela bonke, olungileyo nomubi, omuhle nohlambulukileyo nongcolileyo, onikela ngomhlatshelo nongenawo umhlatshelo, omuhle abe njengesoni, ofungayo njengowesaba isifungo. Kubi lokhu kukho konke okwenziwa phansi kwelanga ukuthi bonke behlelwa yinto inye; ngalokho izinhliziyo zamadodana abantu zigcwele ububi, nobuhlanya busezinhliziyweni zabo besekhona, andukuba baye kwabafileyo. Ohlangene nabo bonke abaphilayo kukhona ithemba kuye, ngokuba inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo. Ngokuba abaphilayo bayazi ukuthi bayakufa, kepha abafileyo abazi lutho, futhi abasenawo umvuzo, ngokuba ukukhunjulwa kwabo sekukhohlakele. Uthando lwabo, nokuzonda kwabo, nomhawu wabo sekuphelile, futhi abasenaso isabelo nanini kukho konke okwenziwa phansi kwelanga. Hamba udle isinkwa sakho ngentokozo, uphuze iwayini ngenhliziyo enhle, ngokuba uNkulunkulu usevumile imisebenzi yakho. Izingubo zakho mazibe mhlophe ngezikhathi zonke, nekhanda lakho malingasweli amafutha. Thokoza ngokuphila nomkakho omthandayo zonke izinsuku zokuphila kwakho okuyize, oziphiwayo phansi kwelanga zonke izinsuku zakho eziyize, ngokuba lokhu kuyisabelo sakho kulokho kuphila ngomshikashika wakho owushikashikayo phansi kwelanga. Konke isandla sakho esikufumanayo ukukwenza, kwenze ngamandla akho, ngokuba akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha endaweni yabafileyo, lapho uya khona. Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane, nokulwa ngamaqhawe, nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo, nomusa ngabanokwazi, ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba. Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; njengezinhlanzi ezibanjwa enetheni elibi nezinyoni ezibanjwa ogibeni, kanjalo amadodana abantu abekelwa isihibe ngesikhathi esibi, lapho siwehlela ngokuzumayo. Ngabona futhi ukuhlakanipha ngale ndlela phansi kwelanga, kwaba kukhulu kimi: kwakukhona umuzi omncane, unabantu abayingcosana phakathi kwawo; kwafika inkosi enkulu kuwo, yawuvimbezela, yakha izinqaba ezinkulu ngakuwo; kepha kwafunyanwa kuwo indoda empofu ehlakaniphileyo; yawukhulula umuzi ngokuhlakanipha kwayo, kodwa nokho akakho okhumbula leyo ndoda empofu. Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali. Amazwi abahlakaniphileyo ezwakalayo ekuthuleni mahle kunokumemeza kobusa phakathi kweziwula. Ukuhlakanipha kungcono kunezikhali zokulwa, ngokuba oyedwa owonayo angachitha okuhle okuningi.