UmShumayeli 4:7-12
UmShumayeli 4:7-12 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngabuye ngabona ize phansi komthunzi welanga: umuntu owayengenabani, engenandodana namfowabo, nokho umshikashika wakhe ungenamkhawulo, namehlo akhe enganeliseki wumcebo. Uthi: “Ngisebenzela bani kangaka, ngizincisha intokozo na?” Nalokho kuyize nomsebenzi ongajabulisi. Ababili bangcono kunoyedwa, ngoba banomvuzo omuhle ngomshikashika wabo. Ngokuba uma bewa, bayavusana; maye kulowo oyedwa, nxa ewa akanaye ongamvusa! Uma ababili belala ndawonye bayafudumala, uma umuntu eyedwa angafudumala kanjani na? Noma umuntu oyedwa engehlulwa, nxa bebabili bangazivikela. Intambo emicu mithathu ayigqabuki kalula.
UmShumayeli 4:7-12 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngase ngibuye ngabona okunye okuyize phansi kwelanga: Kukhona oyedwa, kanaye owesibili, yebo, akanamntwana, kanamfowabo, nokho ukuphela komshikashika wakhe akukho, namehlo akhe awasuthi ngengcebo. Uthi: “Ngishikashikela-bani, ngiswezisela umphefumulo wami ngokuhle, na?” Nalokho kuyize nenhlupheko embi. Kungcono ababili kunoyedwa, ngokuba banomvuzo omkhulu ngomshikashika wabo. Ngokuba uma bewa, omunye uyavusa umngane wakhe; kepha maye kuye oyedwa lapho ewa, engenawesibili wokumvusa! Futhi uma ababili belele ndawonye, banokufudumala, kepha oyedwa angafudumala kanjani na? Nakuba umuntu ahlula oyedwa, ababili bayakuma phambi kwakhe, nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.
UmShumayeli 4:7-12 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngase ngibuya, ngabona okuyize phansi kwelanga. Kukhona oyedwa, akakho owesibili; yebo, akanamntwana noma umfowabo; nokho umshikashika wakhe awupheli; futhi iso lakhe alisuthi ingcebo; akasho ukuthi: Ngisebenzela bani, ngiphuce umphefumulo wami okuhle na? Kuyize futhi, yebo, kuyinkathazo ebuhlungu. Ababili bangcono kunoyedwa; ngoba banomvuzo omuhle ngomshikashika wabo. Ngokuba uma bewa, omunye uyakuthabatha umngane wakhe; kepha maye koyedwa uma ewa; ngoba kalamuntu ongamphakamisa. Futhi uma ababili belele ndawonye, bayakushisa; kodwa umuntu eyedwa angafudumala kanjani na? Uma umuntu emnqoba, ababili bayakumphikisa; nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.