Umshumayeli 4

4
UmShumayeli 4
Usizi olukhulu lwempilo
1Ngase ngibuyela emuva, ngabona zonke izinsizi ezenzeka phansi kwelanga; futhi ohlangothini lwabacindezeli babo kwakukhona amandla; kodwa babengenamduduzi.
2Ngalokho ngabancoma abafileyo asebefile kakade kunabaphilayo abasekhona namanje.
3Yebo, ungcono kunabo bobabili abangakabi khona, abangabonanga umsebenzi omubi owenziwa phansi kwelanga.
4Ngabuye ngabona wonke umsebenzi onzima nawo wonke umsebenzi omuhle, ukuthi ngenxa yalokho umuntu uba nomhawu ngomakhelwane wakhe. Kuyize nokufuna umoya.
5Isiwula sisonga izandla zaso futhi sidle inyama yaso.
6Kungcono ukuthula okuncane kunezandla zombili ezigcwele umshikashika nokuphangisa.
7Ngase ngibuya, ngabona okuyize phansi kwelanga.
8Kukhona oyedwa, akakho owesibili; yebo, akanamntwana noma umfowabo; nokho umshikashika wakhe awupheli; futhi iso lakhe alisuthi ingcebo; akasho ukuthi: Ngisebenzela bani, ngiphuce umphefumulo wami okuhle na? Kuyize futhi, yebo, kuyinkathazo ebuhlungu.
9Ababili bangcono kunoyedwa; ngoba banomvuzo omuhle ngomshikashika wabo.
10Ngokuba uma bewa, omunye uyakuthabatha umngane wakhe; kepha maye koyedwa uma ewa; ngoba kalamuntu ongamphakamisa.
11Futhi uma ababili belele ndawonye, bayakushisa; kodwa umuntu eyedwa angafudumala kanjani na?
12Uma umuntu emnqoba, ababili bayakumphikisa; nentambo emicu mithathu ayisheshi ukugqashuka.
13Ungcono umntwana ompofu ohlakaniphileyo kunenkosi endala eyisiwula engasayikuxwayiswa.
14Ngokuba uphuma etilongweni ukubusa; kanti ozelwe embusweni wakhe uba mpofu.
15Ngibonile bonke abaphilayo abahamba phansi kwelanga kanye nomntwana wesibili oyakuvela esikhundleni sakhe.
16Akukho ukuphela kwabantu bonke, nabo bonke ababengaphambi kwabo; nalabo abezayo ngeke bajabule Ngaye. Impela nalokhu kuyize nokuhlupheka komoya.

Okuqokiwe okwamanje:

Umshumayeli 4: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume