UmShumayeli 2:9-11
UmShumayeli 2:9-11 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Ngase ngikhula ngaba mkhulu kunabo bonke ababe phambi kwami eJerusalema. Nokuhlakanipha kwami kwakumi ngakimi. Konke amehlo ami akufisayo angikugodlanga kuwo; angenqabelanga inhliziyo yami neyodwa intokozo, ngokuba inhliziyo yami yathokoza ngawo wonke umshikashika wami; lokho kwakuyisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami. Ngase ngibhekana nemisebenzi yonke ezaziyenzile izandla zami, nomshikashika engangishikashikile ukuwenza; bheka, konke kwakuyize nokufuna umoya, akukho nzuzo phansi kwelanga.
UmShumayeli 2:9-11 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Ngakho-ke ngaba mkhulu ukwedlula abangendulelayo eJerusalema; ukuhlakanipha kwami kwahlala kukimi. Noma yikuphi amehlo ami ayekufuna, ngangingawancishi; inhliziyo yami angiyincishanga intokozo, ngokuba yona yathola ukuthokoza kuwo wonke umshikashika wami, lokho kwaba ngumklomelo wami wawo wonke umshikashika wami. Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.
UmShumayeli 2:9-11 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Ngakho ngakhula, ngabadlula bonke ababengaphambi kwami eJerusalema; nokuhlakanipha kwami kwahlala kimi. Noma yini amehlo ami ayeyifisa, angiyithandanga, angiyigodlanga inhliziyo yami kunoma iyiphi intokozo; ngokuba inhliziyo yami yayithokoza ngawo wonke umshikashika wami, lokhu kwaba yisabelo sami kuwo wonke umshikashika wami. Ngase ngibheka imisebenzi yonke izandla zami ezazenzile, nomshikashika engangiwusebenzele