UMshumayeli 2:9-11

UMshumayeli 2:9-11 ZUL20

Ngakho-ke ngaba mkhulu ukwedlula abangendulelayo eJerusalema; ukuhlakanipha kwami kwahlala kukimi. Noma yikuphi amehlo ami ayekufuna, ngangingawancishi; inhliziyo yami angiyincishanga intokozo, ngokuba yona yathola ukuthokoza kuwo wonke umshikashika wami, lokho kwaba ngumklomelo wami wawo wonke umshikashika wami. Ngase ngikubuka konke okwenziwe yizandla zami, nomshikashika engithathe isikhathi ngiwenza; konke futhi lokho kwakuyize, kufana nokubamba utalagu! Akukho nzuzo phansi komthunzi welanga.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne UMshumayeli 2:9-11