UmShumayeli 1:7-9
UmShumayeli 1:7-9 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Yonke imifula igelezela olwandle, kodwa ulwandle alugcwali; lapho imifula ike yageleza khona, isayophinde futhi igeleze khona. Zonke izinto ziyakhandla, umuntu angezichaze. Iso alideli ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa. Okwake kwaba khona, kuyobuye kube khona, nokwake kwenziwa kuyobuye kwenziwe. Ayikho into entsha phansi komthunzi welanga.
UmShumayeli 1:7-9 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Yonke imifula iyangena elwandle, kepha ulwandle alugcwali; endaweni eya kuyo imifula, ibuye iye khona njalo. Zonke izinto ziyakhandleka, akakho ongakuphimisa; iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayigcwali ngokuzwa. Okwake kwaba khona yikho okuyakuba khona, nokwake kwenziwa yikho okuyakwenziwa; akukho okusha phansi kwelanga.
UmShumayeli 1:7-9 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Yonke imifula igelezela olwandle; nokho ulwandle alugcwele; endaweni eya kuyo imifula, ibuyela khona. Konke kugcwele umshikashika; umuntu akanakukukhuluma: iso alisuthi ngokubona, nendlebe ayisuthi ngokuzwa. Okwakukhona yikho okuzakuba khona; futhi okwenzekayo yilokho okuyokwenziwa; futhi akukho okusha phansi kwelanga.