UmShumayeli 1:2-4
UmShumayeli 1:2-4 IsiZulu 2020 (ZUL20)
“Ize leze,” kusho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize!” Uzuzani umuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashika phansi komthunzi welanga na? Isizukulwane siyafika, sedlule, kodwa umhlaba umi ingunaphakade.
Dlulisela
Funda UmShumayeli 1UmShumayeli 1:2-4 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
“Ize leze,” usho uMshumayeli, “ize leze, konke kuyize.” Kuyinzuzoni kumuntu ngawo wonke umshikashika wakhe awushikashikayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyamuka, isizukulwane siyeza, kepha umhlaba umi phakade.
Dlulisela
Funda UmShumayeli 1UmShumayeli 1:2-4 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
“Yize leze,” usho uMshumayeli, okuyize okuyize; konke kuyize. Umuntu unanzuzoni kuwo wonke umshikashika wakhe awenzayo phansi kwelanga na? Isizukulwane siyedlula, isizukulwane siyeza, kodwa umhlaba umi kuze kube nininini.
Dlulisela
Funda UmShumayeli 1