UmShumayeli 1:12-13
UmShumayeli 1:12-13 Contemporary Zulu Bible 2024 (CZB24)
Mina, uMshumayeli, ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuphenya ngokuhlakanipha ngakho konke okwenzeka phansi kwezulu: lo mzamo wosizi uNkulunkulu awunike abantwana babantu ukuba baqeqeshwe ngawo.
Dlulisela
Funda UmShumayeli 1UmShumayeli 1:12-13 IsiZulu 2020 (ZUL20)
Mina Mshumayeli ngangiyinkosi yakwa-Israyeli, eJerusalema. Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.
Dlulisela
Funda UmShumayeli 1UmShumayeli 1:12-13 IBHAYIBHELI ELINGCWELE (ZUL59)
Mina Mshumayeli ngangiyinkosi phezu kuka-Israyeli eJerusalema. Nganikela inhliziyo yami ukufuna nokuvivinya ngokuhlakanipha konke okwenziwa phansi kwezulu; kungumshikashika omubi uNkulunkulu awunikile amadodana abantu ukuba awushikashike.
Dlulisela
Funda UmShumayeli 1